IChiefs icishe yazigwaza ngowayo

110

Yehlise umfutho ngesikhathi esibi

ABADLALI beKaizer Chiefs bejabulela igoli likaDaniel Cardoso beguqisa iBaroka FC ngo-2-1 koweligi izolo ngoLwesithathu eFNB Stadium, eGoli.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEP

PHILANI NCALANE

ICISHE yazigwaza ngowayo iKaizer Chiefs yehlisa umgqigqo eqale ngawo ithola amaphuzu amathathu okokuqala kule sizini entsha yeDStv Premiership ihlula iBaroka FC ngo-2-1 izolo ngoLwesithathu kusihlwa eFNB Stadium, eNasrec, eGauteng.

IChiefs ibilidlala lonke ibhola ngesiwombe sokuqala. Lokhu yikhona okwenze yasheshe yathola amagoli avalelwe enethini nguKhama Billiat noDaniel Cardoso. EleBaroka lishaywe nguDenwin Farmer ngesiwombe sesibili. Lo mgadli ucishe waphula izinhliziyo zabalandeli beChiefs engqofa ibhola eliyingozi ngomzuzu wo-kugcina, lavinjwa ngunozinti uBruce Bvuma kukubi.

IChiefs ilehlisile izinga ngesiwombe sesibili. Idedele iBaroka ukuvuka emaqandeni kwazise ibilandela izithunzi kwesokuqala. Ukuhlasela into engapheli kweBaroka yikhona okuholele ekutheni ithole igoli ngesiwombe sesibili.

Ngaleso sikhathi iChiefs ibingasenawo umdla-ndla otheni wokuya phambili. Nokho-ke iChiefs bekumele ngabe kuyiwe ekhefini okungenani ihamba phambili ngamagoli ayisihlanu njengoba kunamathuba amathathu abecacile ahlule uBilliat. Elinye ibhola lakhe lingqubuze epalini, kanti elikaKeagan Dolly liphebezwe kunzima ngu-Osca-rine Masuluke ongunozinti weBaroka.

IChiefs iye kulo mdlalo inganikwa lutho njengoba ishaye into ephansi kowokuvula weligi ibambana neTS Galaxy ngo-0-0 ekuhambeni. Ngaphambi kwalokhu, ibikhishwe yiMamelodi Sundowns kwiMTN8.

Abalandeli beChiefs bebegxeka uStuart Baxter ongumqeqeshi wale kilabhu ngokudlalisa uCardo-so no-Eric Mathoho emuva njengoba bebebuye benze amaphutha. Bebezeseka ngokuthi le kila-bhu isanda kusayinisa abadlali abasha, futhi abasebancane ngeminyaka yobudala.

Nokho-ke uMathoho noCardoso bebetholana kangcono emuva izolo kucaca ukuthi seluqinile ukhakhayi, yize bebuye bakhombisa ukutatazela ngesiwombe sesibili. Kubadlali basemuva abasha beChiefs kungabalwa uThabani Dube obedlala kwiRichards Bay noNjabulo Ngcobo obeyibambe kwiSwallows FC.

UDube kumanje usanda kubizelwa esikwatini seBafana, kanti uNgcobo uhlabane ngomklomelo wokuba ngumdlali wasemuva ovelele wangesizini edlule kwiPSL.

* ILamontville Golden Arrows inenebulwe yiSuperSport United ngo-3-1 koweligi izolo eLucas Moripe Stadium, eTshwane.

Amagoli eSuperSport avalelwe enethini nguTebogo Mokoena, uSipho Mbule noThamsanqa Gabuza. Ele-Arrows lize noSphamandla Sabelo.

* Isiyonke imiphumela yeDStv Premiership imi kanje: Chiefs 2, Baroka 1; AmaZulu 0, Swallows 0; Maritzburg 0, Sekhukhune 2; Royal AM 1, Cape Town City 2; Stellenbosch 1, TS Galaxy 0; SuperSport 3, Arrows 1; Gallants 0, Pirates 0; Chippa 0, Downs 0.

Previous articleKusolwa iGcokama ngokuphazamisa umcimbi
Next articleUsizi kokhulisa abazukulu ngempesheni