IChiefs ifake usawoti esilondeni seziNyoni

251

Iyavuthwa eyokukhonjwa indlela kukaBrandon Truter

UKHAMA Billiat evalela elinye lamagoli iChiefs iguqisa iSwallows ngo-3-1 koweligi izolo ngeSonto eGoli. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

PHILANI NCALANE
LULOKHU luyihaqe njalo usizi iSwallows FC enenebulwe yiKaizer Chiefs ngo-3-1 emdlalweni we-DStv Premiership izolo ngeSonto ntambama eDobsonville Stadium, eSoweto. Amagoli okunqobe ngawoiChiefs avalelwe enethini nguKeagan Dolly ngomzuzu ka-43 noKhama Billiat oshaye amabili ngomzuzu ka-46 nangoka-53. EleziNyoni lokubika lishaywe nguLebohang Mokoena ngomzuzu ka-63.

UBilliat bekubanjwe umoya ngaye ngaphambi kwalo mdlalo njengoba ebegula.
Laba badlali (uDolly noBilliat) babukeka bebuyelwe yifomu abebedume ngayo besayibambe kwiMamelodi Sundowns. Izinto zibukeka zibheke phansi kwi-Swallows njengoba ngeledlule ihlulwe yiTS Galaxy ngo-1-0 eMbombela Stadium, eMpumalanga. Zibukeka zibaliwe izinsuku zikaBrandon Truter ongu-mqeqshi weziNyoni njengoba ilokhu iqhubekile nokugqoza imiphumela.

Lo mqeqeshi uke wamiswa kulo msebenzi kodwa wabuye wabuyiselwa ngoba kucaca ukuthi inqola iyaqhubeka nokubheka eweni ngaphansi kobuholi bukaSimo Dladla oyiphini lalo mqeqeqeshi.

*IRoyal AM ihlikihle usawoti esilondeni esibhibhayo ihlula iStellenbosch ngo-1-0 izolo ntambama eThekwini. IStellies iye kulo mdlalo ngemuva kokunenebulwa yi-Orlando Pirates ngo-3-0 phakathi nesonto.
*ILamontville Golden Arrows ihlule kunzima iBaroka ngo-3-2 kowe Premiership izolo eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, kwathi AmaZulu FC abambana neMaritzburg United ngo-1-1 eHarry Gwala Stadium.

Previous article29 November 2021
Next articleKwethulwe inhlangano esiza amaphara