IChiefs ifaniswe nomlilo wamaphepha

372

Ibambane neGalaxy ebisishoda

USIYABONGA Ngezana weKaizer Chiefs noSphiwe Mahlangu weTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership izolo ngeSonto.ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX07IChiefs

MFANAFUTHI NDLOVUIFANISWE nomlilo wamaphepha iKaizer Chiefs ibambana neTS Galaxy eqede umdlalo seyishoda ngomdlali oyedwa kuba ngu-0-0 koweDStv Premiership izolo ngeSonto ntambama eMbombela Stadium, eMpumalanga.Kulo mdlalo iGalaxy igqemeke ingozi uMark Munyai ethola ikhadi elibomvu ngokudlalisa kabi uBonfils-Caleb Bimenyimana ngomzuzu ka-54. Ugcine ekhishiwe uCaleb kwangena uChristian Saile Basomboli.Abalandeli beChiefs bebelindele ukuthi izicoshele amaphuzu agcwele kwiGalaxy emuva kokuba ngeledlule ezabo zidlale ibhola elihle, ziqeda ishobolo lemidlalo emithathu ilandelana zehlulwa yiRoyal AM.

IziMpofana ziyigaxe u-2-0 iThwihli Thwahla okwenze abathandi bayo bakholwa wukuthi sesiphelile isikhathi sokuphoxeka.Ngemuva komdlalo izolo, bazwakalise ukungenami ngokuthi ezabo zehluleke ukunqoba, ekubeni izitha ziqede zingasaphelele. Abanye balibeke ngesihloko elokuthi le kilabhu seyifana nomlilo wamaphepha, kakuseyona iChiefs yakudala eyayingabhenywa futhi okuyikhona okwayakhela izinkulungwane zabalandeli.Ephawula emuva komdlalo u-Arthur Zwane ongumqeqeshi weChiefs, uthe abadlali bakhe bamenzele phansi, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili.USead Ramovic, ocija iGalaxy, uwuthakasele lo mphumela ethi bebebhekene nezitha ezinzima. * Imiphumela yeDStv Premiership: TS Galaxy 0, Chiefs 0; Maritzburg 1, AmaZulu 1; Arrows 1, Royal AM 2; Chippa 1, Stellenbosch FC 2; Pirates 0, Sundowns 1; SuperSport 2, Cape Town City 0; Marumo Gallants 2, Sekhukhune 0; Swallows 1, Richards Bay 0.* EyeMotsepe Foundation Championship: All Stars 0, Callies 0; Casric 2, Baroka 1; Polokwane 0, Spurs 0; TTM 1, Platinum 2; Tuks 2, UThongathi 1; Lions 2, JDR 1; La Masia 2, Leopards 0; Venda 0, Magesi 1.* EyeSafa KZN ABC Motsepe League: Milford 1, Happy Wanderers 0; UMkhwakhwini 0, Summerfield 3; Asande 1, Stonebreakers 2; Muzi 0, UMkhumbane 1; Njampela 3, UMtubatuba All 2; UMvoti 6, X1 Experience 0; UMsinga 0, FC Drakensburg 0; Midlands Wanderers 3, Pioneers 0; UMkhambathi 3, GWP 1; Newcastle All Stars 3, Coastal 2.

Previous articleKubulawe ummeli obesolwa etulweni lokusoconga imeya
Next articleUsekubhaceni osatshiswa yisosha ebeliyisoka ngokufa