Inxusa abalandeli ukungawavoteli amaSandawana ukudlala iCarling Cup
SENZO SOKHELA
ISIKHULU seKaizer Chiefs sidalula isifiso sale kilabhu ngeMamelodi Sundowns ewole zonke izinkomishi ngesizini edlule. UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs, uthi isifiso sakhe wukuthi iSundowns ingavotelwa ukuba yingxenye yeCarling Black Label Cup eyethulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili emini eFNB Stadium, eSoweto. Lo mqhudelwano uzogijinywa ngomhla ka-12 kuLwezi (November) kuyo le nkundla. Nokho umqhudelwano walo nyaka ngeke udlalwe yiChiefs ne-Orlando Pirates kuphela njengaseminyakeni edlule kodwa kuzoqhudelana amakilabhu amane.
Emakilabhini awu-16 adlala kwiDStv Premiership, abalandeli bawo kuzofanele bawavotele ukuze abe yingxenye yamane azogijima lo mqhudelwano. Ngokwamavoti awu-200 000 akhishwe kulo mcimbi, iChiefs iyazihola ngawu-85 773, kube yiBucs ngawu-58 945, kulandele iDowns ngawu-27 553, bese kuba ngamaZulu FC ngawu-4 992. “Ngiyacela ukuthi singabalandeli sakhe umbimbi, siqinisekise ukuthi iSundowns kayibi yingxenye yalo mqhudelwano. “Hhayi ngoba siyesaba, yikhona nje ukuthi kasiyidingi kulo mqhudelwano. “Ngiyacela abalandeli bethu ukuba bavote ngamalengiso ukuze siqhubeke sihlale esicongweni. “Okwamanje kusengamavoti ka-Itumeleng Khune kuphela lawa asangenile, aseza amavoti,” kusho uMaphosa.
Ukhuluma ngalolu hlobo nje, yingoba uKhune eminyakeni edlule ubejwayele ukuvotelwa kakhulu ngabalandeli beChiefs ukuqala isikimu, kungakhathalekile ukuthi ifomu yakhe injani. UTiyani Mabunda, oyinxusa leSundowns, uthi uyakuqonda ukuthi kungani iChiefs ingabafuni kulo mqhudelwano. “Siyazi ukuthi kabasifuni, yingoba kukhona esingakuqedile nabo. “Siyajabula ukuba yingxenye yalo mqhudelwano ngoba phambilini besincishiwe ithuba lokudlala kuwona, kulokhu kushukana amakilabhu amabili nje kuphela. “Yiyona kuphela inkomishi esingenayo lena ekhabetheni lethu ngoba besincishwa ithuba lokuyidlalela. Noma kanjani lena iya ekhabetheni lethu,” kusho uMabunda. Indlela abalandeli abangavotela ngayo amakilabhu wukuthenga ubhiya, babheke ezivalweni ngaphakathi ikhodi besebeshaya u-120660#, balandele imiyalelo.