IChiefs ifuna u-R30 million ngoBilliat

1090

Ufunwa yikilabhu yaseMorocco

SENZO SOKHELA

UKHAMA Billiat okuthiwa iKaizer Chiefs ifuna u-R30 million ngaye.

IFUNA u-R30 million iKaizer Chiefs ngomdlali wayo okuvela ukuthi ufunwa yinqwaba
yamakilabhu. IChiefs isengcupheni yokulahlekelwa ngomunye umdlali wase-Zimbabwe njengoba kuvela ukuthi uKhama Billet ufunwa Luthuli yiRaja Casablanca yaseMorocco.
Kuthiwa akhona namanye amakilabhu alapha e-Afrika afuna lo mdlali.
Kuvela izindaba zikaBilliat nje, iChiefs isanda kulahlekelwa nguTeenage Hadebe okuvela
ukuthi uthengwe yikilabhu yaseTurkey.
Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo engaphakathi kwiChiefs ukuthi le kilabhu izimisele ngokumdedela uBilliat kodwa ifuna uR30 million ngaye.
Lo mthombo uthe: “IChiefs ayizimisele ngokuma endleleni kaBilliat inqobo nje uma umuntu
omfunayo ezokhipha lo R30 million ewufunayo.
ICasablanca ike yayithinta iChiefs yayitshela ngemali eyifunayo igcine ithembise ukubuyela kuyona lingakapheli leli sonto,” kusho lo mthombo.
UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ebuzwa ngalolu daba the: “UBilliat usangumdlali
wethu njengoba kungakenzeki lutho, uma sekukhona okwenzekile sizonazisa.
“Okwamanje unenkontileka nekilabhu okusho ukuthi usangumdlali wethu,” kusho
uMaphosa.
UBilliat ujoyine iChiefs kumasizini amabili edlule ngemuva kokuba enqabe ukuvuselela inkontileka neMamelodi Sundowns.
Kuvele amahlebezi okuthi lo mdlali wacikwa wukuvinjelwa kwakhe ukuyodlala phesheya ngemuva kokuba le kilabhu inqobe iCaf Champions League, aba ngomunye wabadlali abavelele kuyona.
Ngaleso sikhathi kuvele amakilabhu amaningi abemfuna ase-Europe nokho iSundowns yagcina ingamdayisanga. Kuthiwa lesi senzo seDowns samcika lo mdlcli wanquma ukungabe esayivuselela inkontileka nayo, ekhetha ukujoyina iChiefs afike kuyona izinto
zibheda njengoba ingakaze inqobe nkomishi kumasizini amane edlule.

Previous articleUyazisola ngokushiya iKaizer Chiefs
Next articleOwoKhozi unengwe ‘ukweyiswa’ ngoweSABC