IChiefs ifuna ukugubha ‘olokuzalwa’ ngewini

381

Kulindelwe kube nekhekhe elikhulu eFNB ngoMgqibelo njengoba ihlanganisa u-53

UMDLALI weKaizer Chiefs uKeagan Dolly. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

MFANAFUTHI NDLOVU
ABADLALI beKaizer Chiefs bafuna ukunika abalandeli baleli qembu isipho esizobajabulisa njengoba izobe igubha usuku eyasungulwa ngalo ngelanga lo mdlalo wayo omqoka weDStv Premiership. IChiefs izogadulisana neSekhukhune United ngoMgqibelo ngo-20h00 eFNB Stadium, eGoli. Le kilabhu izokube igubha iminyaka engu-53, yasungulwa ngomhla ka-7 kuMasingana (January) ngo-1970. UKeagan Dolly, odlala esiswini kwiChiefs, uthi bazimisele ngokujabulisa abalandeli. Uthi kubalukekile ukuthi babuye namaphuzu agcwele kwazise badlalela ekhaya. “Kasizimisele ngokuzifaka ingcindezi engenaso isidingo, okumqoka wukubhekana nomdlalo ngamunye, ukuthi kwenzekani kwamanye amakilabhu akudingi thina.


“Okubalulekile wukuthi kufanele sinqobe iSekhukhune bese sikwazi ukucabanga ezinye izinto ngemuva kwaso. “Kuhle kakhulu ukubona abadlali abasakhula abafana noMduduzi Shabalala noSamkelo Zwane benikwa ithuba lokudlala ngumqeqeshi wekilabhu (u-Authur Zwane). “Kukhombisa ukuthi siya phambili njengekilabhu. “Yingakho ngaso sonke isikhathi ngihlale ngenza isiqi-niseko sokuthi ngiyazimisela enkundleni ukuze abadlali abasakhula bafunde kimi ngendlela yokuziphatha ngaphakathi nangaphandle kwenkundla futhi ngikhombise nesipiliyoni. “Ngiyakhuluma nabo ngaso sonke isikhathi. Kumqoka ukuthi ngibeke ikilabhu phambili kunezinto okumele ngizizuze mina,” kusho uDolly. Kulindelwe ukuba kubekhona ikhekhe elikhulu enkundleni ukujabulela lolu suku. Amathikithi atholakala e-Ticketpro, abiza u-R30. Amasango azovulwa ngo-17h00.

Previous articleUDanger nezinhlelo zokugcina iBig Nuz iphila
Next articleKuthungathwa ozale ingane wayilahla ngovivi