IChiefs iguqise i-pirates kowendebe

838

Usemkhulu umsebenzi osahlalele la makilabhu

UKHAMA Billiat weKaizer Chiefs exinwe nguThabang Monare we-Orlando Pirates egcine iguqe ngo-4-3 wamaphenathikoweCarling Cup obuphele
ngo-0-0 izolo ngeSonto kusihlwa e-Orlando Stadium, eGoli. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

MFANAFUTHI NDLOVU

EseGoli

USEMKHULU umsebenzi osahlalele abaqeqeshi be-Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ukuhlanganisa ka-hle abadlali abasha nabadala bala makilabhu ukudlala ingcwenga ye-bhola ngesizini ezothwasa ka-2021/2022.

Lokhu kugqame emdlalweni we-Carling Black Label Cup onqotshwe yiChiefs ngo-4-3 sekukhahlelwa amaphenathi izolo ngeSonto kusihlwa e-Orlando Stadium, eSoweto. 

Le ndebe ngeyokuqala kuStuart Baxter osanda kushaya ibuya kwi-Chiefs esigqikini sokuqeqesha. 

Ngenyanga edlule ushwebe eyeCaf Champions League enqotshwe yi-Al Ahly yase-Egypt.

Lo mdlalo uphele kungu-0-0. Abadlali beChiefs abaqobele phakathi amaphenathi nguDaniel Cardoso, uBernard Parker, uPha-thutshedzo Nange noKgaogelo Sekgota. AweBucs ashaywe ngu-Deon Hotto, uKabelo Dlamini noRichard Ofori.

Unozinti omusha weChiefs uBrandon Peterson uzifake ezi-nhliziyweni zabalandeli bale kila-bhu ngokushaya into ephezulu kulo mdlalo evimba amaphenathi amabili kaNtsikelelo Nyauza nekaWayde Jooste. UPeterson ubenge-ne endaweni ka-Itumeleng Khune owenze umsebenzi omuhle ngesiwombe sokuqala evimba imbu-mbulu yeshodi ebithunyelwe nguThembinkosi Lorch.

Empeleni iChiefs bekufanele ukuthi iqede ngalo mdlalo nge-sikhathi esejwayelekile ngoba ithole iphenathi ngomzuzu ka-74 ngesikhathi uNyauza ebamba ibhola ngesandla esebhokisini. Le phenathi ithathwe nguCardoso kodwa wayivimba kalula u-Ofori.

Ngesiwombe sokuqala bekucaca ukuthi lona wumdlalo wokuqala omqoka wala makilabhu njengoba womabili ebelilahla kalula ibhola esiswini. Nokho abezama nokuya phambili okwenze kwayiwa ekhefini womabili esethole amakhona amathathu ngokwahlukana.

IChiefs iqede isiwombe sokuqala umdlali wayo uKearyn Baccus esenekhadi eliphuzi alithole ngokudlalisa kabi uGabadinho Mhango.

Kulo mdlalo kubonakele ukuthi abadlali bala makilabhu kabaka-hlangani kahle njengoba esanda kusayinisa abaningi abasha. 

Womabili la makilabhu asebe-nzise izinduku eziningi ezintsha ngesiwombe sesibili ukubona ukuthi ziwaphatheleni.

Previous articleKutholwe isidumbu sephoyisa sishisiwe
Next articleUSuthu luphuce iChiefs iqatha