IChiefs ihlabane ngenjini yomdlali

642

Kulindwe ukuba ajoyine ozakwabo uma esebuya kwiBafana ezodlala iCosafa

USBONGISENI “Ox” Mthethwa osayine inkontileka yeminyaka emithathu kwiKaizer Chiefs azogijima kuyona ngesizini
ezayo esuka kwiStellenbosch FC. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

MFANAFUTHI NDLOVU

IHLABANE ngenjini yomdlali iKaizer Chiefs okubhekwe isiqalo sayo ngesizini ezayo njengoba yenze izinguquko kubaqeqeshi bayo yenyusela kulesi sikhundla uMolefi Ntseki yehlisela kwesokuba ngumsizi u-Arthur Zwane. ILANGA lithole ukuthi iziMpofana seziqede konke noSbongiseni “Ox” Mthethwa (28) waseMtshezi okuphele isizini edlule egijima ibhola elinenkosi phakathi kwiStellenbosch FC. Wukukhulumisa kwakhe ibhola enkundleni okwenze u-Ox wafakwa naseqenjini leBafana Bafana elizodlala kwiCosafa Cup ezogijinyelwa eThekwini kusukela ngoLwesithathu kuze kube wumhla ka-16 wale nyanga. Lo mdlali kubhekwe ukuba afike asibambe sithule ngqi isisu sale kilabhu esayinise abadlali abaningi abanohlonze emizamweni yayo yokubuyisa udumo njengoba sekuyophela iminyaka elishumi yagcina ukuphakamisa inkomishi.


Umthombo weLANGA oncikene kakhulu neChiefs, uthe: “Isasasa likhulu eNaturena ngokuza kuka-Mthethwa. Sekuqedwe konke naye njengoba esayine inkontileka yeminyaka emithathu. Sekulindwe ukuba abuye kwiBafana ezodlala iCosafa Cup ukuze ethulwe ngokusemthethweni kozakwabo. “Bonke laba badlali abasanda kusayiniswa yiChiefs banqunywe Imilomo ukukhuluma nabezindaba ngalezi zindaba kuze kube bethulwa ngokusemthethweni yikilabhu emphakathini.” Phakathi kwabadlali okuvela ukuthi sebeqede konke neChiefs, kukhona uGiven Msimango ophuma kwiTS Galaxy, uPule Mmodi obekwiGolden Arrows, uRanga Chivaviro ophuma kwiMarumo Gallants edliwe yizembe kwiDStv Premiership ngesizini edlule.


Nokho iRichards Bay FC isamile kwelokuthi uRanga ungowayo izeseka ngokuthi wasayina inkontileka yesethembiso kuyona ngoMasingana (January). UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs uthe kakukho angakuqinisekisa ngendaba yabadlali abazojoyina le kilabhu. Uthe bamatasa ngezinhlelo zomqeqeshi omusha. Nokho uthe kungenzeka kube khona abadlali ababethulayo namuhla ngoMsombuluko yize engafunanga ukwenaba. mfanafuthin@ilanganews.co.za-www.ilanganews.co.za

Previous articleBluff Meat Supply – Halala Abanqobile
Next articleUsinde elindwe yizinkabi kwakhe