Isansonsotha imivimbo abayithelwe wuSuthu
SENZO SOKHELA
ISAQAQAMBA inhliziyo kwiKaizer Chiefs njengoba isanda kugilwa igoda ngamaZulu FC. IChiefs izodudulana neBidvest Wits kowe-Absa Premiership ngoLwesithathu ngo-19h30 eFNB Stadium, eSoweto. IChiefs iya kulo mdlalo nje iphoxe abalandeli bayo iguqiswa ngamaZulu FC ngo-1-0 koweligi kuyo le nkundla yayo. Iye kulo mdlalo ithwelwe ngeqoma kwazise ibisanda kushaya omkhaya bayo i-Orlando Pirates ngo-1-0. UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs, utshele leli phephandaba ukuthi isaqaqamba inhliziyo ngokwenziwe ngamaZulu kubona, uthi kusenzima ukukwamukela. “Lo mdlalo wamaZulu udale umonakalo ngoba besingalindele ukuthi angasihlula. “Kodwa-ke kufanele sidlule kulokho manje sibheke lo mdlalo weWits. “Ukudlala nekilabhu esembangweni wesicoco seligi akufani nokudlala nesemsileni.”Esesicongweni kufanele udlale nayo ngokucophelela ngoba isuke ifuna ukukugudluza, kumele uhlale uqaphile ngaso sonke isikhathi, kanti mawudlala nesemsileni unokuyithatha kancane. “Kodwa engifuna ukukusho wukuthi asinazinkinga, siyakwazi esikulindele kwiWits. Okuhle nje, wukuthi sisasesicongweni se-log,” kusho uMaphosa. Ube esecela abalandeli beChiefs ukuba bangapheli amandla baqhubeke nokuyeseka le kilabhu. “Siyazi ukuthi abalandeli bethu balithanda kangakanani leli qembu ngakho-ke siyabacela ukuba baphume kuzona zonke izinkalo ukuzoseseka. “Sizimisele ngokuwunqoba lo mdlalo ukuze sibuyise isithunzi sethu,” kusho uMaphosa.