ICHIEFS ILWELA UKUBUYISA IZINSUKUZENJABULO NGE-NEDBANK CUP

370

SENZO SOKHELA
UMQEQESHI weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ulwela ukubuyisa isiko-nkolo lale kilabhu, okuwukuqinisekisa ukuthi isizini nesizini inqoba okuthile. IChiefs zogadulisana neRoyal AM kwi-quarter final yeNedbank Cup namuhla ngeSonto ngo-18h00 eChatsworth Stadium, eThekwini. IChiefs iya kulo mdlalo nje, abalandeli bayo balambe eziswini njengoba sekuphele iminyaka inganqobi nkomishi. Isisalelwe yile nkomishi kuphela kule sizini ukuzama ukuqeda lesi somiso. Nokho ibhekene nomqansa njengoba i-AM ikubeke kwacaca ukuthi nayo ifuna ukunqoba inkomishi yayo yokuqala selokhu ifike kulesi sigaba ngesizini edlule.


UZwane uthi usempini yokubuyisa izinsuku zenjabulo kule kulabhu. “Kasiyikhethi imidlalo. KwiKaizer Chiefs udlalela ukunqoba. “Yize sifuna ukuqeda silele kwi-top 2 kwi-log, kodwa nale nkomishi siyayifuna. “Ngilwela ukubuyisa isiko-nkolo lekilabhu. “Umlando wale kilabhu umayelana nokunqoba izinkomishi,” kusho uZwane. Amathikithi alo mdlalo abiza uR60 kanti atholakala eTicketpro, ezitolo zakwaSpar nasemagalaji ahlukene okwetha uphethiloli. Komunye umdlalo weNedbank, iChippa United izobhekana neSekhukhune United namuhla ngeSonto ngo-15h00 eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.

IChippa iya kulo mdlalo nje, izinto kaziyihambeli kahle njengoba ibangwa nezibi kwi-log yeDStv Premiership kwazise ilwela ukuvika izembe. USiyabulela Gwambi, obambe kwesokuqeqesha kwiChippa emuva kokuba kuqheliswe uKurt Lentjies, uthe bahlose ukuqhubeka nokwenza kahle kulo mqhudelwano ukugcina abadlali benomqondo wokunqoba. “Esikuhlosile wukuhamba ibanga elide ngoba kuzoselekelela ukugcina abadlali besesimeni, ungaphazamiseki umgqigqo wethu,” kusho uGwambi. senzos@ilanganews.co.za

Previous articleUkhalangesiqashi’esimdlelaifa lomuzi’
Next articleBASALE DENGWANE KUSHAIMIKHUKHU ESIPHINGO