Izibuyise zishisa izinduku kwi-AM
IQEDE ishobolo iKaizer Chiefs iguqisa iRoyal AM ngo-2-0 emdlalweni weDStv Premiership izolo ngeSonto ntambama ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. Amagoli alethe injabulo yokuqala yonyaka omusha kwiChiefs, avalelwe nguSifiso Hlanti ngomzuzu ka-60, ngemuva kwe-free Kick ebishaywe nguKeagan Dolly, no-Ashley Du Preez ngomzuzu ka-85. Lo mphumela ubukeke umnenga uShaun Mkhize, ongumnikazzi we AM, ovamise ukubhiyoza nxa izinto ziyihambela kahle ikilabhu yakhe. Ubonakale ebhunga okuthile noRichard Makhoba ngemuva kokungena kwegoli lesibili leChiefs. Ibukeka inkulu ingcindezi ebhekene no-Abram Nteo obambe isigqiki sokulolonga kule kilabhu.
IziMpofana ziye kulo mdlalo zingaphansi kwengcindezi njengoba besezihlulwe imidlalo emithathu ilandelana. IziMpofana beziqala ukwehlula i-AM selokhuinyukele esigabeni esikhulu kumasizini amabili edlule.. IChiefs ibigcine yehlulwe yiMamelodi Sundowns ngo-1-0 ngeledlule. Ngaphezu kwalokhu, le kilabhu ibigcine ukuvakashela inethi ngonyaka odlule ngesikhathi yehlula iLamontville Golden Arrows ngo-2-0 ngoZibandlela (December). Ngakolunye uhlangothi, i-AM nayo ibinengcindezi njengoba ibisanqobe umdlalo owodwa kweyisihlanu yakamuva. Emdlalweni womzuliswano wokuqala, iThwihli Thwahla inqobe ngo-1-0. Phakathi nesonto iziMpofana zimemezele ukuthi sezihlabane ngoChristian Saile Bambouli waseCameroon.
Lo mdlali ulinikeziwe ithuba ngesiwombe sesibili, waba nesandla egolini likaDuPreez. Umdlalo wayizolo ukewaphazamiseka ngesiwombe sokuqala ngenxa yenkinga kagesi. Ukushaya into ephansi kweChiefs, kuqubule ukungabaza ngamagalelo ka-Arthur Zwane kwabanye abalandeli bale kilabhu. Nokho-ke lo mqeqeshi akagudluki ekutheni usazowaphendula amatafula.