IChiefs isale incela izithupha ngesitobha

431

SENZO SOKHELA

ISALE incela izithupha iKaizer Chiefs emuva kokuba umdlali ebimgaqele enquma ukuvuselela inkontileka neStellenbosch FC.

Kuke kwavela ukuthi iChiefs ifuna uthuli uFawaaz Basadien (27), odlala kwesokunxele emuva. Kuthiwa ibifuna lo mdlali nje, yingoba izimisele ngokuvala isikhala esingase sivuleke njengoba kuvela ukuthi imanqika ukuvuselela inkontileka kaSifiso “Chopper” Hlanti (34) ephela uma kusongwa isizini.

Kubikwa ukuthi ikhala ngokuhamba kweminyaka yakhe. IStellies kuthiwa beyingenankinga nokumdayisa uBasadien, yinqobo nje uma kuzovunyelwana kahle ngemali. UBasadien uthi unqume ukuvuselela nale kilabhu ngoba uzwa sengathi uyayikweleta ngemenzele khona. Kuzokhumbuleka ukuthi imtakule edlala kwiMoroka Swallows ngo-2022, isimo sibheda njengoba bekubikwa ukuthi iziNyoni ziyehluleka wukuholela abadlali.

Omunye umdlali wale kilabhu owelule inkontileka, nguSage Stephens ongunozinti. 

Previous articleIngebhe ngokuhoxiswa kwamaphoyisa abeqaphe ukwebiwa kwezimoto
Next articleIsingene ezinganeni impi yeBhova neNdidane