Ithi kuyolamula umdlalo wokugcina ngempi yeligi
MFANAFUTHI NDLOVU
IKAIZER Chiefs ifisa ukugila iMamelodi Sundowns ekwenziwe yile kilabhu kumasizini amabili adlule iyiphuca iqatha emlonyeni ngokuthatha isicoco seligi ngemizuzu yokugcina. IChiefs isemgqigqweni omuhle muva nje njengoba ishoshela esicongweni seDStv Premiership okuhlezi kusona iSundowns evikela lesi sicoco.
IziMpofana zihambela phezulu njengoba zixebule iSwallows FC maqede yaxosha lonke ithimba labaqeqeshi bayo ebeliholwa ngu Brandon Truter yaqasha uDylan Kerr wase England. U-Austin Dube (osesithombeni) oyisitobha seChiefs, utshele ILANGA ukuthi bazimisele ngokwenza konke okusemandleni ukunqoba lesi sicoco avumayo ukuthi ngeke kube lula njengoba iSundowns ivule igebe elikhulu esicongweni. Uqiniswa idolo wukuthi iligi iwumjaho omude.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini ka-2019/20 iChiefs yake yavula igebe lamaphuzu awu-13 esicongweni kodwa iSundowns yakwazi ukunyuka yagcina isiyigudluza ngomdlalo wokugcina. “Sinaso isikwati esinganqoba iligi. Kasikhathazekile ngegebe elivulwe yiSundowns. Okumqoka kithina wukuqoqa amaphuzu umdlalo nomdlalo,” kusho uDube.
Uthi ubheke ukuthi baqhubeke nomgqigqo wokuqoqa amaphuzu uma sebebhekene neCape Town City ngoMgqibelo ngo-18h00 eFNB Stadium, eGoli. “Ukudlalela ekhaya kuhlale kusivuna ngaso sonke isikhathi ngakho kumele sikusebenzise ukuqhubeka nokuqoqa amaphuzu. “Sikwaze ukunqoba iSwallows sithwele kanzima njengoba besisekuhambeni.
ICity idlala kahle kakhulu kodwa sinalo ithuba lokuba siyiguqise,” kusho uDube. Uqhube ngokuzwakalisa ukujabula ngokukwazi ukungena ngokushesha egiyeni leChiefs ayijoyine ngasekuqaleni kwale sizini esuka kwiRichards Bay FC edlala kwiGladAfrica Championship. Okufaka ugqozi kwabeChiefs wukuthi seyiqeqeshwa nguStuart Baxter okunguyena owagcina ukunqobela le kilabhu izinkomishi ngo-2014/2015.
- Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership ihlelwe kanje:- NAMUHLA NGOLWESINE e-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Baroka FC 19h30. NGOMGQIBELO eDobsonville Stadium: Swallows vs Maritzburg Utd 15h30. ENelson Mandela Stadium: Chippa United vs Golden Arrows 15h30. EMoses Mabhida Stadium: Amazulu FC vs Royal AM 15h30. eDobsonville Stadium: Swallows FC vs Marumo Gallants 15h30. eFNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Cape Town City 18h00. EDanie Craven: Stellenbosch FC vs Mamelodi Sundowns 20h15. NGESONTO ELucas Moripe Stadium: SuperSport United vs Sekhukhune United 15h30.