IChiefs isimchithile uNtseki

451

INTATHELI YELANGA

LIGCINE ligqabukile igoda phakathi kukaMolefi Ntseki neKaizer Chiefs abengumqeqeshi wayo.

Lesi sikhundla sinikwe uCavin Johnson (osesithombeni) obesanda kuqashwa yile kilabhu njengosomaqhinga.

UNtseki uxoshwa nje, ubeseshaywe ngabalandeli kathathu becikwa yimiphumela emibi kusukela ethathe lo msebenzi ngasekuqaleni kwesizini.

UJohnson uzosizwa nguDillon Sheppard obevele enza umsebenzi ofanayo.

Previous articleIjaji liyishaye indiva ekaSathane ligweba owabulala umqashi nozakwabo
Next articleLuthela izithelo utshalomalilweSAB eThekwini