IChiefs kuyisizile ukweyiwa kwiCaf: Arthur Zwane

701

Abaqeqeshi beziMpofana bathi izigwaze ngowayo iCasablanca

ABADLALI beChiefs bebhiyozela ukungena okokuqala ngqa emlandweni kowamanqamu weCaf Champions League ngemuva kokubambana
neWydad Casablanca yaseMorocco ngo-0-0 ngoMgqibelo kusihlwa eGoli. IChiefs inqobe ngo-1-0 uma sekuhlanganiswa yomibili imiphumela yemilenze. 
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

PHILANI NCALANE

UJABULELE ukweyiwa yiWy-dad Casablanca yaseMorocco u-Arthur “10111” Zwane oyisekela lomqeqeshi weKaizer Chiefs engene okokuqala ngqa emlandweni kowamanqamu weCaf Champions League.

IziMpofana zibambane neWydad ngo-0-0 emlenzeni wesibili we-semi final yalo mqhudelwano ngoMgqibelo kusihlwa eFNB Stadium, eGauteng. IChiefs idlulele kowamanqamu ngemuva kokunqoba ngo-1-0 wegoli likaSamir Nurkovic ekuhambeni ngeledlule.

UZwane uthi iWydad ikhombise ukubedelela ngokubophela isikimu esizacile emlenzeni wokuqala.

“Izinto zabo zonakale ngokusibukela phansi emlenzeni wokuqala. Ukubahlulela ekhaya ku-bethusile. Emlenzeni wesibili badlalise isiki-mu esiqinile, kodwa zabaphika kunjalo izinto. Ngicabanga ukuthi bafundile ukuthi ebholeni kayikho ikilabhu okumele uyithathe kancane. Ngibongela kakhulu abadlali bethu. Bekuvele kuyisifiso sethu ukungena kowamanqamu we-Caf,” kusho uZwane obedlala kuyona iChiefs ngaphambi kokungena ezinhlakeni ezincane njengomqeqeshi.

IChiefs izobhekana ne-Al Ahly yase-Egypt kowamanqamu ozokuba ngoMgqibelo womhla ka-17 kuNtulikazi (July) eMorocco. Lo mdlalo ngeke ube yimilenze emibili njengoba kujwa-yeleke kanjalo.

I-Al Ahly iguqise i-Esperance yaseTunisia ngo-4-0 sekuhlanganiswe imilenze emibili yama-semi final.

Kuzokube kungokokuqala ukuthi uPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqeshi we-Al Ahly abhekane nekilabhu yakuleli kowamanqamu selokhu eshiye iMamelodi Sundowns ngesizini edlule. Lo mqeqeshi nguyena oqhube ezakhe ziwashisa iSundowns ijezi kulo mqhudelwano. Nguyena uPitso onqobise iDowns lo mqhude-lwano ngo-2016 okwenze yaya kwiFifa Club World Cup eJapan.

Umdlalo wamanqamu ubhekwe ngabomvu ngoba bayazana indlela abadlalisa ngayo uPitso noStuart Baxter ongumqeqeshi omusha we-Chiefs. UBaxter uyahlonishwa ngokukwazi ukuhlelela imidlalo enzima, ayinqobe. Nokho ubuye ashaywe kule okusuke kubhekwe ukuba ayinqobe kalula. 

philanin@ilanganews.co.za

Previous articleKuhlomule izimbangi abantu bebaleka kwiWhatsApp
Next articleUbukhosi bethembe iSilo ngolomhlaba