UMosimane uthi lesi sicoco uzosinqobela yena, umndeni wakhe ne-Al Ahly
SENZO SOKHELA
UPITSO “Jingles” Mosima-ne, ongumqeqeshi we-Al Ahly yase-Egypt, uphumele obala okokuqala ngqa ngokuthi ngeke ayizwele nakanca-ne iKaizer Chiefs emdlalweni wa-manqamu weCaf Champions League ozokuba ngoMgqibelo ozayo womhla ka-17 kwephezulu ngo-21h00 eMorocco.
IChiefs ifinyelele okokuqala emlandweni wayo kowamanqamu walo mqhudelwano iqumba pha-nsi iRaja Casablanca yaseMorocco ingathenjwa muntu.
I-Al Ahly ikhiphe i-Esperance yaseTunisia ukungena kowama-nqamu.
Abalandeli beChiefs bathandazela ukuba imilingo iphinde ye-nzeke nakowamanqamu, ezabo zikwazi ukunqoba lesi sicoco ukuvala imilomo yabalandeli bezi-mbangi zabo ezinkulu i-Orlando Pirates, ababachomela ngokuthi kabasazi lesi sicoco esikhulukazi kwesidlalelwa ngamakilabhu ase-Afrika.
UMosimane uthi iChiefs kumele ikhohlwe yilesi sicoco njengoba esifuna ngabomvu ukujabulisa ab-alandeli be-Al Ahly abasibheke ngamehlo abomvu.
“Ngiyazi ukuthi uStuart Baxter (ongumqeqeshi omusha weChiefs) uyayifuna le nkomishi ukuyinqoba okokuqala ngqa ngakho-ke siyazi silindeleni.
“Kodwa-ke kanginandaba nokuthi iChiefs ngeyangakithi, into emqoka kimina yimina, um-ndeni wami nekilabhu engisebenza kuyona, yizona zinto ezihamba phambili kimina njengamanje.
“Kungakuhle ukuthi iChiefs inqobe, yikhona nje ukuthi ibhekene nathi.
“Ngiyayibongela isebenzile uma ubheka ukuthi kayizange isa-yinise mdlali ngale sizini esanda kuso-ngwa.
“Namanje ngisa-zibuza ukuthi kwenzakaleni ngoba siyiphuce inkomishi yeligi sekusele imizuzu ewu-18 ngaleya sizini kodwa ngedlule yadonsa kanzima kwiligi.”
Uthi umangele ukuthi kungani uReneilwe “Yeye” Letsholonyane eyeke ibhola ngoba ubesengagijima kodwa-ke umfisela inhlanhla.
Uthi kuningi asangakwenzela ibhola ngenxa yesipiliyoni anaso.
ULetsholonyane uzakhele udumo egijima kwiChiefs emi-nyakeni eminingi edlule, kanti yona yayimthenge egijima kwiJomo Cosmos.