IChiefs neDowns basamincile ngeligi

127

Isicacile indlela yePolokwane City ebheke ehlathini

PHILANI NCALANE

UKHAMA Billiat weKaizer Chiefs edlaliswa kabi nguTercious Malepe weChippa United eguqe ngo-1-0 koweligi izolo 
ngoLwesithathu e-Orlando Stadium, eSoweto. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UZOPHELA ngesitayela umshado wabakwa-Absa nePremier Soccer League (PSL) njengoba izosongwa ngegiya eliphezulu imidlalo ye-Absa Premiership ngoMgqibelo ntambama ezinkundleni ezahlukene.

Imidlalo yokugcina ibhekwe ngabomvu njengoba iKaizer Chiefs ihlule iChippa United ngo-1-0 wegoli likaKhama Billiat izolo kusihlwa e-Orlando Stadium, eSoweto. Ngesikhathi esifanayo iMamelodi Sundowns ishovele iPolokwane City ehlathini iyinenebula ngo-3-0 wamagoli abhajiswe enethini ngu-Anele Ngcongca, uThemba Zwane no-Keletso Makgalwa eLoftus Stadium.

Kuzoyiwa emidlalweni yokugcina iChiefs ibambene ngamaphuzu awu-56 neDowns. IChiefs iqhwakele ngenxa yokuba namagoli amaningi.

IziMpofana zizokhiphana inkani neBaroka FC emdlalweni wokugcina, kanti iDowns iqhathwe neBlack Leopards. Bobabili iBaroka neLeopards basavika ukushoveleka emidlalweni yokuhlunga ezogijinywa yikilabhu ezoqeda endaweni ka-15 kwi-log. ILeopards izenzele umsebenzi inqoba iBidvest Wits ngo-1-0. Imidlalo yokusonga isizini, isho ukuphela komshado wabakwa-Absa nePSL njengoba sekunesikhathi kumenyezelwe ukuthi ngeke baselule isivumelwano. Izingqwele zale sizini, zizoyigcina unomphela inkomishi njengoba kuzokwethulwa entsha yangesizini ezayo.

AmaZulu FC ayeke ithuba lokuya emdlalweni wokugcina ekhululekile ebanjwa yi-Stellenbosch FC ngo-1-1. USuthu yilona oluyibone kuqala inethi ngegoli likaSphesihle Maduna emdlalweni obuseTshwane.

IHighlands Park ihlule iCape Town City ngo-1-0 wegoli likaPeter Shalulile okwenze lo mgadli waqhwakela ngokuhamba pha-mbili ngokuhlohla amagoli kwiligi. Usenangu-15.

* Isiyonke imiphumela yemidlalo yayizolo ngoLwesithathu ye-Absa Premiership imi kanje: Stellenbosch 1, AmaZulu 1; SuperSport 4, Baroka 1; Leopards 1, Wits 0; Arrows 0, Celtic 0; Highlands 1, CT City 0; Chiefs 1, Chippa 0; Polokwane 0, Sundowns 3; Maritzburg 0, Pirates 1.