UNtshangase kuthiwa akekho ezinhlelweni zomqeqeshi
SENZO SOKHELA
IKAIZER Chiefs isezinhlelweni zokubolekisa umdlali ofike ku-bhekwe lukhulu kuyena, okuvela ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi, kodwa engeke ikwazi ukumchitha ngenxa yokuthi kuzofanele imkhokhele itshe lemali.
IChiefs imemezele ukuthi ibambe ufishi omkhulu isayinisa uSiphelele “Stash” Ntshangase, emthenge kwi-Baroka FC, kumasizini ambalwa edlule.
Nokho lo mdlali selokhu efikile kwiChiefs akakalitholi ithuba loku-ngena ensimini ngokwenele njengoba abaqeqeshi abathathu benga-mdlalisanga.
Ufikele kuSteve “Mphathi” Komphela wamdlalisa kancane wangabe esambophela, ekhala ngokuthi akabuyi uma sekumakwa, muhle uma ephethe ibhola kuphela.
UKomphela usulile kwiChiefs kwathatha uGiovanni Solinas naye wenza okufanayo. USolinas uxoshiwe kwaqashwa u-Ernst Middendorp okuvela ukuthi uthi akekho ezinhle-lweni zakhe.
Leli phephandaba lithole ngo-mthombo walo ongaphakathi kwi-Chiefs ukuthi le kilabhu izama ukumbolekisa lo mdlali kwazise ngeke ikwazi ukumxosha ngoba kuzofanele imkhokhele itshe le mali. Kuthiwa iChiefs ixoxa neBlack Leopards ake adlala kuyona lo mdlali ukuba imboleke yena.
Leli phephandaba libuza uVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ngalolu daba, uthe akukho angaku-sho ngaphandle kokuthi uNtshanga-se usangumdlali wabo.
“Uma kukhona okwenzakalayo sizomemezela, okwamanje uNtsha-ngase ungumdlali wethu, uyajima nekilabhu,” kusho uMaphosa.
UJazzman Mahlakgane okunguyena ophethe izindaba zikaNtshangase uthe kukhona abakuxoxayo neChiefs ngesimo salo mdlali kodwa wathi okwamanje angeke akwazi ukukudalula.
UDavid Thidiela ongumnikazi weLeopards uthe izandla zakhe zivulekile.
“Abadlali bami abahamba kahle la ekilabhini ngibathanda ukufa, laba abahamba kabi ngiyaphuma kubona.
“UNtshangase ngumfana wami, izandla zami ziyohlezi zivulekile kuyena. Engingakusho ukuthi akukafiki muntu kithina ngokuthi basiboleke yena,” kusho uThidiela.