IChiefs nezinhlelozokugcina uDove

348

Kuthiwa uzulelwa ngamanqe uSifiso Hlanti eziMpofaneni

SENZO SOKHELA

KUPUTSHUKA
izindaba ezithi iKaizer Chiefs isezinhlelweni zokugixabeza ngenkontileka entsha umdlali wayo oyisebenzela okwesigqila. IChiefs izogadulisana neCape Town City koweDStv Premiership kusasa ngoLwesibili ngo-19h30 eFNB Stadium, eSoweto. Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi le kilabhu ihlela ukunika inkontileka entsha u-Edmilson Dove (29) (osesithombeni) odlala emuva. UDove, odabuka eMozambique, ujoyine iChiefs kumasizini amabili edlule esuka kwi-UD Songo yangakubo. Ujoyina iChiefs nje, ubeseke wadlala kuleli njengoba ehlale iminyaka kwiCape Town City, emdedele emuva kokulimala kanzima, okumphoqe ukuba abuyele kwelakubo. IChiefs imlandile yamsayinisa inkontileka yeminyaka emibili. Selokhu efikile eNaturena, udlala ingcwenga yebhola futhi uyayilwela le kilabhu yakwaMotaung.


Umthombo waleli phephandaba uthe: “Inkontileka kaDove neChiefs iyaphela uma kusongwa isizini. “NgoMasingana (January) lo mdlali uzokube esenelungelo lokusayina inkontileka yesibambiso nanoma yiyiphi ikilabhu emfunayo. “IChiefs igculisekile ngendlela azinikele ngayo, yingakho izikhulu zivumelane ngo-elethu ukuba anikwe inkontileka yeminye iminyaka emibili. “Umdlali elicikizelayo ikusasa lakhe nguSifiso Hlanti. “Izikhulu kazigculisekile ngomsebenzi awenza enkundleni njengamanje. “IChiefs ithungatha umdlali ozovala isikhala sakhe. Le sizini kungase kube ngeyokugcina uHlanti edlala kwiChiefs.” UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ebuzwa ngalolu daba, uthe kakukho okuphambi kwakhe okuthinta lolu daba angabika ngakho. Eminye imidlalo yeDStv Premiership ephakathi nesonto imi kanjena:-
NGOLWESITHATHU EDobsonville Stadium: Moroka Swallows vs Chippa United 17h00. E-Athlone Stadium: Cape Town Spurs vs SuperSport United 19h30. EDanie Craven: Stellenbosch vs TS Galaxy 19h30. EKing Zwelithini: Richards Bay vs Polokwane City 19h30. NGOLWESINE EPeter Mokaba:Sekhukhune United vs Golden Arrow 19h30.

Previous articleTHOLA ILANGA 05 OCTOBER 2023
Next articleUnekhono lokuhlekisa umuntu ecashele amaphoyisa mengameli