IChiefs nonyawo lwedada

224

Iwuphendule usizi umgubho womqeqeshi weDowns

MFANAFUTHI NDLOVU

IKAIZER Chiefs ifake unyawo lwedada enjabulweni yomqeqeshi weMamelodi Sundowns edliwe ngo-2-1 koweDStv Premiership izolo ngeSo-nto ntambama eLoftus Stadium, ePretoria.

Umgubho kaManqoba “TV” Mngqithi wokuhlanganisa iminyaka ewu-50 edla amabele, woniwe yiChiefs emthele indu-ku okokuqala ngqa kule sizini emidlalwe-ni yeligi. Amagoli eziMpofana kube wu-mkhonto ogwaze ekhaya kaMosa Lebusa weDowns ngoka-72 noDumisani Zuma (osesithombeni) ngoka-73 kanti eleDowns lishaywe nguGaston Sirino ngoka-35.

IChiefs beyingathenjwa ngaphambi kwalo mdlalo njengoba ingenzi kahle selokhu kuqale isizini. Nokho uNjabulo Blom oqokwe njengomdlali wosuku, utshele abezindaba emuva kwalo mdlalo ukuthi umqeqeshi weChiefs uGavin Hunt ubanike iziyalo ezimqoka ngesikhathi se-khefu okwenze bakwazi ukuguqula umphumela walo mdlalo.

UHunt uzwakalise enkulu injabulo ngalo mphumela obasondeze eduze kwe-zifiso zabo njengoba sebehlose ukuqeda kwi-top 8. Uthi empeleni bekumele ba-nqobe ngamagoli amaningi kulo mdlalo. Uqhube ngokuzwakalisa ukuphoxeka ngokungafakwa kukaBlom esikwatini sika-U/23 esizomela elakuleli kuma-Olympic Games azokuba nonyaka eJapan.

Uthi usazoqhubeka nokusebenza le kilabhu ukudlala ibhola alifunayo, ebala namasu awanike uZuma uma ibhola li-ngekho kuyena. Uthe unethemba lokuthi bazokwazi ukuqhubeka nokunqoba.

UMngqithi uthe bekumele bawusonge ngesiwombe sokuqala lo mdlalo nokho badlala ngomsebenzi. Uthi lo mphumela wethemba ukuthi uzobaphaphamisa abadlali bakhe, bakuqonde ukuthi nabo bayehluleka kwesinye isikhathi. Uthe babe neshwa kulimala u-Andile Jali. Uthi umgadli wabo ovuthayo, uPeter Shalulile uzoqala ukubonakala emuva komdlalo neGolden Arrows ongoLwe-sithathu ePretoria.

* Isiyonke imiphumela imi kanje: Sundowns 1, Chiefs 2; Chippa 0, Arrows 0; AmaZulu 2, TS Galaxy 1; Cape Town City 3, Tshakhuma FC 0; Swallows 1, Pirates 1; Leopards 1, SuperSport 1; Stellenbosch 1, Celtic 1; Maritzburg 1, Baroka 1.

* Imidlalo yeDStv Premiership ephakathi nesonto imi kanjena:

KUSASA NGOLWESIBILI

EDanie Craven Stadium: Stellenbosch vs Maritzburg United 15h00.

EVolkswagen Dobsonville: Swallows vs SuperSport United 17h00.

NGOLWESITHATHU

E-Old Peter Mokaba: Tshakhuma FC vs Bloemfontein Celtic 15h00.

E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Chippa United 15h00.

EPeter Mokaba: Baroka vs TS Galaxy 17h00.

ELoftus Versfeld: Mamelodi Sundowns vs Golden Arrows 17h00.

ECape Town Stadium: Cape Town City vs AmaZulu 17h00.

Previous articleZIYAWUSHAYA KUBABES NOMPINTSHO
Next articleUdutshulwe wafa usomabhizinisi odumile