IChiefs seyilushove kwiSafa olwePSL

414

IziMpofana sezifuna umahluleli ozimele kunokuvela ekomidini leligi

KOMUNYE wemidlalo okwakumele ube khona, iCape Town City yathelekaeFNB Stadium amasango ekhiyiwe njengoba iKaizer Chiefs yayicele ukungadlali ngenxa yeCovid-19.

MFANAFUTHI NDLOVU


IKAIZER Chiefs idudulana ngezifuba nePremier Soccer League (PSL) njengoba zombili lezi zinhlangothi sekuqinisekisiwe ukuthi sezidonselane kwiSouth African Football Association (Safa) ukuba iqoke umahluleli ozimele ozoxazulula ungaboni kwazo ngasolinye. UTebogo Motlanthe oyisikhulu esiphezulu seSafa, uvumile izolo ngeSonto ekuseni ngesikhathi ekhuluma neLANGA ukuthi usezitholile izincwadi ezahlukene zabameli beChiefs nabePSL ngodaba lokuba (iSafa) iqoke umahluleli ozimele ozolalela lolu daba.


I-PSL ibizele iChiefs esigcawini sayo sokuqondiswa ubugwegwe ngoLwesihlanu ngecala lokungalubhadi emidlalweni emibili yeDStv Premiership obekumele iyigijime ngoZibandlela (December) lapho ibiqhathwe khona ngokwahlukana neCape Town City eGoli neLamontville Golden Arrows eThekwini. IChiefs kayiyanga kule midlalo ngoba yayivele seyibhalele iPSL incwadi iyinxusa ukuba ihlehlise le midlalo ikhala ngokuthi iphoqeleke ukuvala thaqa ikhaya layo eNaturena ngenxa yokuhlaselwa wukhuvethe kwezisebenzi zayo ezingaphezulu kuka-30.


I-PSL yasenqaba lesi sicelo, izeseka ngokuthi imithetho yayo kayikuvumeli lokhu. Kuthiwa okwenza ukuba iChiefs ingafuni ukuyovela ekomidini lezigwegwe lePSL, wukuthi ibona ingeke ibuthole khona ubulungiswa njengoba ibona udaba lwayo kungelona olwasebholeni, kodwa luthinta impilo jikelele njengoba ukhuvethe luxake umhlaba wonke, ekubeni nemithetho yakuleli iphoqa ukuba abasuleleke ngeCoronavirus kumele bagonqe, bangahlangani nomphakathi. Kuyicala ngokomthetho wakuleli ukuya emphakathini ekubeni sewuzazi ukuthi uneCoronavirus.


UMotlanthe uthe incwadi ye-Chiefs inxusa iSafa ukuba iqoke umahluleli ozimele ozohlalela lolu daba ngokushesha kanti eyePSL iyaphikisana nalokhu. “Kuyiqiniso ukuthi ngizitholile zombili izincwadi. Ngizozihlalela ngoMsombuluko (namuhla) ukuhlahla indlela ebheke phambili. Ngokomthetho, iChiefs kufanele iqale ivele ekomidini lezigwegwe lePSL njengoba ibizelwe khona. “Nokho ngizobheka kahle izethulo zayo ukuthi kungani ifuna ukuqonda kumahluleli ozimele, ingaqali ekomidini lezigwegwe. Emuva kokufunda zombili izethulo yilaphoke engizokube sengikwazi khona ukuthatha isinqumo esiqondile ngalolu daba,” kusho uMotlanthe. Kuvela ukuthi iChiefs imelwe wuqweqwe lommeli kulolu daba, uNorman Arendse SC kanti iPSL igabe ngo Zola Majavu SC othathwa njengongqondongqondo emacaleni ezemidlalo. UMajavu usanda kwethulwa njengoMshushisi omkhulu wePSL.

Previous article‘Kasiguquki ekwesekeni iSilo’ okhulumela amakhosi
Next article“Ukuthula kufana nokudayisa isizwe”