IChiefs seyiphenduke ithofi le-AM

280

Abalandeli bazitike ngalo mdlalo begibele ezihlahleni

USIYABONGA Ngezana weKaizer Chiefs emakwa nguThato Lingwati weRoyal AM enqobe ngo-1-0 koweligi izolo ngeSonto eChatsworth Stadium, eThekwini.

PHILANI NCALANE
IKAIZER Chiefs seyiphenduke ithofi leRoyal AM njengo-ba iphinde yaguqiswa yile kilabhu engomakoti beDStv Premiership kuba ngu-1-0 emdlalweni weligi izolo ngeSonto ntambama eChatsworth Stadium, eThekwini. Igoli le-AM lishaywe nguVictor Letsoalo kuyiphenathi ngomzuzu ka-38. Lo mdlalo uqale ngegiya eliphezulu njengoba bezihlaselana okwenze kwaba namakhona umdlalo usanda kuqala.

Nokhoke uHugo Nyame ovimbela i-AM nguyena obebhekene nomqansa kusanda kuqala isiwombe soku-qala. Ithuba lokuqala eligqamile kulo mdlalo liwele kuBernard Parker olingqubuze epalini ngemuva komdlalo onobuchule ka-Keagan Dolly. Ele-AM lihlule uTebogo Potsane. ULeonardo Castro ubeqala umdlalo ihlandla lesibili kule sizini, kanti uKhama Billiat ubesebhentshini kodwa wangena kwesesibili.


UParker nguyena odale iphenathi ye-AM. IziMpofana nakulo mdlalo beziqhutshwa ngu-Arthur Zwane neDillon Sheppard njengoba uStuart Baxter esalulama kwiCovid-19. IChiefs iye kulo mdlalo inomthwalo wokubuyisa izinduku kwi-AM njengoba ihlulwe ngo-4-1 kowomzuliswano wokuqala eFNB Stadium. IziMpofana bezigcine zihlule iSekhukhune United ngo-2-0 ngesikhathi zikhuza ibuya ngemuva kokweqiwa yimidlalo emibili yeligi ngenxa yokuhlasela kweCovid-19 enkanjini yayo.


IChiefs ibuye ngamandla ngesiwombe sesibili okuholele ekutheni iphungwe ngezithebeengxenyeni ye-AM. ULetsoalo ucishe wayingcwaba futhi iChiefs njengoba inguzunga yeshodi ayidedelile ishayise ipa-li. Sekuzophela umdlalo, i-AM ibisidlalele kakhulu engxenyeni yayo kucaca ukuthi seyilwela ukuvikela igoli layo ukuze iwagci-ne womathathu amaphuzu isekha-ya. Kulo mdlalo kubonakale inqwaba yabalandeli ngaphandle kwenkundla.

Okugqamile ngabo wukuthi bebeyizixuku futhi bengazifakile izifonyo okuphambene nemigomo yokuqanda ukusabalala kweCovid-19. Isiyonke imiphumela yemidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto imi kanje: AM 1, Chiefs 0; Cape Town City 2, Swallows 1; Sekhukhune 0, SuperSport 0; Stellenbosch 1, Baroka FC 0; Arrows 1, TS Galaxy 1; Sundowns 4, Pirates 1; Marumo Gallants 0, AmaZulu 1; PMB Utd 0, Chippa 2.

Previous articleZibanjiswe wukudayisa ibattery yemoto ‘izinkabi’
Next articleOqokelwe kwesobumeya ufuna imisebenzi yakhe imkhulumele emphakathini