Ichithiwe eyekhadi eli-blue kunobhutshuzwayo

309

INTATHELI YELANGA

ICHITHIWE indaba ebisegudwini yekhadi eli-blue kunobhutshuzwayo – obekuzothi umdlali olitholile aphume ayohlala “esihlalweni sezono” (sin bin) imizuzu ewu-10 ngokuhilizisana nonondweba nokudlalisa kabi isitha, ibe ingabonakali inhloso yokudlala ibhola – lokhu kuqinisekiswe nguMengameli weFifa, uGiovanni Infantino. 

Ngenyanga edlule, kuvele imibiko ethi i-International Football Association Board (IFAB), isiqalile ukuvivinya ukusetshenziswa kwaleli khadi ezigabeni eziphansi e-Europe. Isinqumo sokuchithwa kwaleli khadi sithathwe emhlanganweni we-IFAB neFifa.

“Ngeke lisetshenziswe leli khadi ezigabeni eziphezulu zikanobhutshuzwayo. Udaba lwalo (ikhadi) yinto engekho nhlobo emiqondweni yethu. SiyiFifa, kasihambisani nhlobo nokusetshenziswa kwekhadi eli-blue. Njengomengameli weFifa, bengingayazi nokuyazi indaba yalo. Ngicabanga ukuthi iFifa inezwi kwi-IFAB, uma ufuna ukukhuluma ngekhadi (elikhipha umdlali enkundleni), kuba yikhadi elibomvu kwaphela nje,” kusho u-Infantino.

Uqhube ngokuthi izandla zabo zivuliwe ukwamukela imibono neziphakamiso, kodwa uma sebezicubungulisisile, “kumele sivikele umongo nesiko likanobhutshuswayo. Ayikho nje indaba yekhadi eli-blue, ngiyema lapho”.

Previous articleKwexwayisa nge-pink eye esisabalele eThekwini
Next articleKuputshuka ezokungenami kukaMotaung ngabadlali nabaqeqeshi beChiefs