Ikhala ngokwenyuka kuka-petrol nohulumeni ‘ovumela indlala’ ezweni
PHUMLANI GAMA
INYUNYANA yezisebenzi kuleli, iCongress Of South African Union (Cosatu), iphakamisa ukuthi kuqokwe ikhomishana ezokwenza uphenyo ngezinga lokwenyuka kwamanani ka petrol nokudla ezitolo. Le nyunyana ngaphansi kwesiFunda iJohnson Nkosi, eThekwini, ibe nombhikisho emigwaqweni yaseThekwini lapho yesekwe ngamadlelandawonye ayo, maqede yahambisa uhlu lwezikhalo olwamukelwe ngungqongqoshe wezokuThutha ukuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Peggy Nkonyeni.
Phakathi kwezikhalo ezibekwe phambili wukwenyuka kwamanani ka-petrol ezweni lonke, ukubiza kakhulu kwamafutha okupheka, ukuhlukunyezwa kwazisebenzi ezikhungweni zikahulumeni nasezinkampanini ezizimele. Njengenjwayelo kalisalanga ngaphandle igama lenkampani ephehla, iphinde iphakele ngogesi kuleli, i-Eskom. Bathi kufanele kuxoshwe izikhulu zayo ngoba nazo ziyasoleka ngokungahambi kahle kwezinto kule nkampani, okugcina sekuphazamisa inhlalakahle yabantu abasemazingeni aphansi naphezulu.
Eyokungabikho kwamathuba emisebenzi nayo ibiphambili.
UMnu Bheki Ntshalintshali, ongunobhala-jikelele, wale nyu-nyana uthe kabahambisani nokwenyuka kwamanani ka-petrol ngoba kuhlukumezeka uwonke wonke. Usole uhulumeni ngokuba budedengu. Uthe kudala babevele benemibuzo ukuthi kwenziwa yini abantu bakuleli bancamele ukungena emazweni angomakhelwane ngenhloso yokufaka u-petrol ezimotweni zabo. Ubalule izwe iLesotho neSwazini ukuthi kawabizi kakhulu amanani ka-petrol. “Sifuna incazelo ecacile ukuthi kungani kubulawa izisebenzi nabahlali bakuleli kangaka. Sikhathazwa kakhulu wukwenyuka kwezinga lokuthengwa kwezidingongqangi ekubeni abantu abaningi bengasebenzi. “Nabasebenzayo kabakhushulelwa imiholo yabo kodwa izinga lempilo lenyuka ngamandla. Sikuphi isono sabantu bakuleli ukuthi sebengaze babulawe ngendlala nje ngezindlela ezipha-nsi ngalolu hlobo?
“Lokhu sikusho ngoba ukwenyuka kuka-petrol kuthikameza wonke umuntu wakuleli. Kumanje kubu-kwa abanikazi nabashayeli bama-tekisi njengabantu ababi futhi abangalungile uma behlongoza ukwenyusa imali yokugibela, kanti umuntu owenza yonke le nkinga uyedwa, wuhulumeni obusa izwe. “Uma kuwukuthi kabazimisele ngokuhlangana ephalamende bayibhunge le nkinga, futhi kabahambisani nesiphakamiso sethu sokuba kuqokwe ikhomishana ezophenya kabanzi ukuthi kungani kwenyuka izinga lokuphila ngalolu hlobo, sizophoqeleka ukuba simise yonke into ezweni ngoba kuyobe kuchaza ukuthi uhulumeni ufuna ukuthi silimise.
“Namanje akukhona ukuthi siyehluleka ukuqoqa abantu balivale izwe, kodwa kuseyisiyiqalo sokukhuluma naye (uhulumeni),” kusho uMnu Ntshalintshali. Usihlalo wale nyunyana KwaZulu-Natal, uMnu Edwin Mkhize, uthe ukwenyuka kwamanani ezinto ezitolo okudalwa wukubiza kuka-petrol, kungase kuholele ekutheni iqembu elibusayo kuleli nakulesi sifundazwe, lilahlekelwe ngamandla okhethweni olulandelayo.
Lo mbhikisho wesekwe yizinhla-ka ezahlukene ezingaphansi kweCosatu namadlela-ndawonye ayo. Emukela uhlu lwezikhalo, uNkk Peggy Nkonyeni, ukhulume kafu-shane, wathi uzolwedlulisela
kuNdunankulu wakulesi sifundazwe, uMnu Sihle Zikalala naye akholwa wukuthi uzolwedlulisela kwabangaphezulu kwakhe.