Idili lamagoli koweDowns noSuthu

717

AmaZulu FC abuye nenduku yombangandlala ePitoli

SENZO SOKHELA

U-AUGUSTINE Mulenga woSuthu emakwa uThemba Zwane weDowns enqobe ngo-4-3 izolo ePretoria. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

IDILI lamagoli angu-7 iMamelodi Sundowns ibuyela esicongweni seDStv Premiership. IDowns iguqise ngo-4-3 AmaZulu FC koweligi izolo ngeSonto ntambama eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. 

Amagoli eDowns avalelwe enethini nguThemba “Mshishi” Zwane amathathu ngomzuzu ka-19, 21, noka-30, kwathi elesine lashaywa nguPeter Shalulile ngoka-56. 

AmaZulu yiwona avule inkundla ngegoli likaLehlohonolo Majoro ngomzuzu ka-15, uLuvuyo Memela ngoka-48, obekuyiphenathi ayishaye yavinjwa ngunozinti yabuyela kuyena wayiphasela inethi nelikaSandile Khumalo ngoka-59.

Ukunqoba kweDowns kuyibuyisele esicongweni igudluza iSwallows FC ngemuva kokuba idlale ngokulingana neTS Galaxy ngo-0-0 ngoMgqibelo kusihlwa. 

UManqoba “TV” Mngqithi ololonga iDowns uzwakalise ukungenami ngamagoli abawavuzisile. 

“Umdlalo siwuqale kahle, bekufanele okungenani sishaye  angaphezulu kwalawa. Inkinga wukuthi senze inqwaba yamaphutha kulo mdlalo. 

“Kuyathusa-ke nokho ukuthi emidlalweni eyedlule besingavuzisi amagoli. Kowodwa sazodedela amathathu.  Amaphutha esiwenzile kufanele sifunde kuwona,” kusho uMngqithi. 

U-Ayanda “Cobra” Dlamini ololonga AmaZulu uthi inkinga idalwe wukudideka kubadlali bakhe. 

“Size kulo mdlalo nesu lokuyicindezela iSundowns yingakho sikwaze ukuthola igoli kuqala.

“Sibulawe yizinkinga ezincane kulo mdlalo kodwa-ke kufanele sibuyele emuva siyolungisa. Unozinti wethu usisizile kodwa amaphutha awenzile asishayile. Nokho asimgxeki ngoba ungumholi wethu siyamazi ukuthi unjani,” kusho uDlamini. 

* Isiyonke imiphumela yeDStv Premiership ihambe kanje: Tshakhuma 1, Baroka 0; Sundowns 4, AmaZulu 3; CPT 4, Celtic 2; Swallows 0, Galaxy 0; Pirates 2, SuperSport 1; Arrows 2, Chiefs 2; Stellenbosch 2, Chippa 0; Leopards 1, Maritzburg 0. 

* Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership ephakathi nesonto ezinkundleni ezahlukene ihlelwe kanje:-

NGOLWESIBILI

EVolkswagen Dobsonville: Swallows FC vs Kaizer Chiefs 19h30.

NGOLWESITHATHU 

EDr. Petrus Molemela: Bloemfontein Celtic vs Black Leopards 19h30.

ELoftus Versfeld: Sundowns vs Stellenbosch 19h30.

E-Orlando: Orlando Pirates vs Baroka 19h30.

Previous articleItholwe isikhulile ingane eyebiwa izelwe
Next articleUshone engagulanga uMshoza