IDowns iqophe umlando ongeke usacinywa

582

INTATHELI YELANGA

IQOPHE umlando ongeke usacinywa iMamelodi Sundowns iba ngamazibulo ezingqwele ze-African Football League (AFL), ihlula iWaydad Casablanca, yaseMorocco ngo-2-0 eLoftus Stadium, ePretoria – emlenzeni wesibili womdlalo wamanqamu walo mqhudelwano, oqalayo ngqa ukuba khona. Amagoli eDowns – evele yenza kahle emidlalweni yase-Afrika – avalelwe enethini nguPeter Shalulile ngomzuzu ka-48 no-Aubrey Modiba ngoka-53. Emlenzeni wokuqala obuseMorocco ngeledlule, iDowns imincise abalandeli bayo nabathandi bakanobhutshuzwayo izakhela umqansa ngokuhlulwa ngo-2-1. Nokho emlenzeni wesibili, ikhombisile ukuthi kungani isibe yizingqwele zeDStv Premiership amahlandla awu-6 kulandelana. Le kilabhu iqukula le ndebele – ehambisana nesamba sika-R73.5 million – nje, yahlulwa yiyona iWaydad kowamanqamu weCaf Champions league ka-2021/22 emuva kokudlala ngokulingana kuba wu-2-2 ekhaya. Ekuhambeni la makilabhu ayebambane ngo-0-0. 

UPETER Shalulile ejabulela igoli lakhe elivule inkundla ngesikhathi iDowns ibhuquzisa iWaydad Casablanca yaseMororcco ngo-2-0 kowamanqamu we-African Football League (AFL) eLoftus Stadium. ISITHOMBE NGABE: BACKAPEPIX
Previous articleUsizi luzwa olunye kumfowabo kaZimdollar osekubhaceni
Next article