UMngqithi ugxeka iziMpofana ngobubele ezitheni
SENZO SOKHELA
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi, ugxeke iKaizer Chiefs ngobubele ebenzele izimbangi zabo ezinkulu emidlalweni yase-Afrika, i-Al Ahly yase Egypt. IDowns iguqise i-Al Ahly ngo-1-0 wegoli likaPeter Shalulile emlenzeni wesibili womdlalo kaGroup A kwiCaf Champions League ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium, eSoweto. Ngaphambi kwalo mdlalo, iChiefs yenzele i-Al Ahly umusa iyinika iChiefs Village ukuba iyisebenzise ukulungiselela lo mdlalo. Kuthiwa i-Al Ahly iyiphendule ikomkhulu layo iChiefs Village njengoba ibisebenzisa yonke into kubalwa izinkundla namaswimming pool.
IChiefs ize yafaka emakhasini ayo asezinkundleni zokuxhumana izithombe zezisebenzi zayo zishuthe nabadlali nabaqeqeshi be-Al Ahly. UMngqithi usigxekile isenzo seChiefs. “Kusijabulisile ukuhlula izingqwele (zeCaf), okwenza kube mnandi nakakhulu wukuthi sizehlule seziwumbimbi. “Ngesikhathi kunebio bubble sinqatshelwe ukusebenzisa izindlu zokushintshela eFNB, awucabange ozakwethu esidabuka nabo ezweni elilodwa besinqabela ukusebenzisa izindlu zokushintshela. “Lezi zindlu zokushintshela bezivulelwe i-Al Ahly idlala nathi.
“Umnandi ngendlela eyisimanga lo mphumela esiwutholile ngoba ungenza ngizizwe sengathi iChiefs yenze ubuxoki ukuvumela lesi senzo. “Bekufanele sithole indlu yokushintshela enkulu ngoba yithina ebesisekhaya, kodwa yanikwa izimbangi. “Kimina wubuxoki lobo. “Nangesizini edlule, sike saba nesimo esifanayo kodwa sangakhuluma ngale nto ngoba siyahlonipha futhi siyalithanda izwe lethu,” kusho uMngqithi. Uthi kuneqembu elike labacela ukusebenzisa indawo yabo lizodlala neChiefs koweCaf Champions League, kodwa banqaba ngoba bayalithanda izwe labo. “Sike saba kulesi simo izikhathi eziningi, iWydad Casablanca (yaseMorocco) ike yacela ukujimela endaweni yethu izodlala neChiefs ngonyaka odlule.
“Kasizange siyivumele leyo nto ngoba ibizobe ichaza ukuthi sakha umbimbi nayo. “Kimina ngaphandle nje kokuhlula i-Al Ahly, lo mphumela uyisifundo sokubaluleka kokuthanda izwe lakho ngobuqotho, uhloniphe, nokuthi uma udlala kulo mqhudelwano usuke ungamele iSundowns nje kuphela, kepha umele nefulegi lezwe lakho. “Imqoka ngendlela eyisimanga leyo nto. “Kangisho ukuthi kufanele sakhe ubutha, kodwa kufanele sikhombisane inhlonipho, sibazi nobumqoka bokuthi siyiSundowns simele izwe.
“Kubuhlungu ukubona ozakwenu enidabuka ezweni elilodwa nabo benza izinto zibe mnandi ezimbangini zenu sibe thina singa kwenzanga lokho ngonyaka odlule. “Uma unqobe kanje, kade kunombimbi kufanele uziqhenye,” kuphetha uMngqithi. Lo mphumela wenze ukuba iSundowns esesicongweni ngamaphuzu awu-10 emidlalweni emine, yadinga ukudlala ngokulingana nje kuphela ukuba idlulele esigabeni esilandelayo. Ivule igebe lamaphuzu awu-6 njengoba ilandelwa yi-Al Ahly enawu-4, yi-Al Hilal yaseSudan enawu-4 ne-Al-Merrikh (yaseSudan) nayo enawu-4.