IFacefook isize ekubanjweni “komdlwenguli”

610

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUSIZE iFacebook ukubamba owesilisa osolwa ngokunukubeza intombazanyana eneminyaka ewu-12. Kuthiwa umphakathi waseMgababa uzibambele mathupha umso-lwa ngemuva kokubona enkundleni yokuxhumana ukuthi ubaleke eMlazi emuva kokunukubeza le ntombazanyana. 

Lesi sigameko esenzeke ngeledlule, kubikwa ukuthi sisabalale ezinkundleni zokuxhumana emuva kokuba umsolwa obevakashe kwamakhelwane egile lo mkhuba maqede wabaleka. 

Ngokuthola kweLANGA, umsolwa ubefikele kwamakhelwane walapho egile isisulu sigade ingane yakhona. Kubikwa ukuthi emuva kokubaleka endaweni, kube sekubikwa ngalolu daba ezinkundleni zokuxhumana, okuthe kusaphele izinsukwana isithombe sakhe sigcwele ezinkundleni zokuxhumana, wakhonjwa eMgababa lapho kuthiwa ubebhace khona. 

ILANGA likhulume nonina wesisulu – ongeke adalulwe ukusivikela – othe indodakazi yakhe ibivame ukuyolanda ingane yakhe encane lapho igadwa khona njengoba yena ebuya ntambama emsebenzini. Uthe ngosuku enukubezwe ngalo, uthole ucingo kogada ingane yakhe, emazisa ukuthi kayilandiwe. Utshele leli phephandaba ukuthi uphuthume kwakhe wathola isisulu silele. 

“Ngimbuze ukuthi kungani engayilandanga ingane, wangitshela ukuthi akaphilile. Ube esengichazela ukuthi ubecelwe ngumakhelwane okudayiswa utshwala khona ukuba ayomgadela ingane yakhe. Umakhelwane uhambe washiya indodakazi yami nengane yakhe, kwangena umsolwa, wayinukubeza,” usho kanje.

Uthe ube eseyovula icala emaphoyiseni. 

“Ngenxa yokungaboni mnyakazo emaphoyiseni, ngibhale kwiFacebook ekhasini leLadies House, ngabika ngokwehlele ingane yami, ngaveza nesithombe somsolwa. Kunabaphendulile, basho ukuthi uke wabonakala komunye umuzi obunomcimbi kuwona eMgababa. 

“NgoLwesihlanu umphakathi walapho abecashe khona, uhlanganile emuva koku-vela komkhondo, waqonda kuyena wamubamba kwabe sekubizwa amaphoyisa,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa, wathi uvelile eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngecala lokudlwengula. Uzobuyela maduze. 

Previous articleEzimnandi kubathandi bomdlalo uShaka Ilembe
Next articleUmmeli uveze “eyokuhlukunyezwa kukaMama weBhantshi”