Ifaniswe nokubhokoda uZulu esiswini eyokwebiwa komgexo weSilo

303

THANDOLUHLE NGUBO

UKHALE ngokugwazwa kukaZulu esiswini usomlando, uMnu Thulani Khuzwayo, obhekelele ukugcinwa komlando walapho kwakulwa khona iMpi yaseSandlwana njengoba kucwiywe umfuziselo womgexo weSilo uCetshwayo, obugcinwe kule ndawo. 

UKhuzwayo ubekhuluma neLANGA emuva  kokwebiwa kwalo mfuziselo owakhiwe ngethusi, okubikwa ukuthi waqala ukucwiywa ngezinsuku zokulungiselela ukukhunjulwa kweMpi yaseSandlwana. “Sishaqeke kakhulu ngalesi senzo. Sathi senza amalungiselelo alo mcimbi mhla ka-19 kuMasingana (January), sathola ukuthi kukhona okucwiyiwe kulo mgxexo, kodwa kasinakanga ngoba kwakuyindawana encane. Kuthe ngomhla ka-27 – ngemuva komcimbi – sathola ukuthi izingxenye ezinkulu zawo kazisekho. NgoNhlolanja (February) kwebiwe ezinye izingxenye,” kusho uKhuzwayo.

Uthe sebenqume ukulisusa leli gugu esigcawini sempi, balibeka ngasesakhiweni esigcina amagugu ngoba benzela ukuphepha kwalo. 

Owemukela izivakashi eSandlwana, uMnu Simon Ndebele, uthe balimele kakhulu ngoba lo mfuziselo ubudonsa kakhulu izivakashi kule ndawo. Uthe uyafisa kutholakale amasela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko. “Amaphoyisa aseNquthu aphenya icala lokulahleka komfuziselo eSandlwana,” kusho uLt-Col Gwala.

Previous articleUNyazi lubonge amalungu ebandla ngokukhuthalela imfundo
Next articleUbuyela enkantolo owokufika osolwa kwelokudlwengula abulale ingane