Ifaniswe noMose iNkosi yamaHlubi

183

PHUMLANI GAMA

IFANISWE noMose waseBhayibhelini iNkosi yamaHlubi, uLangalibale Hadebe – ethathwa njengombumbi wesizwe samaHlubi – emcimbini wokuyikhumbula neqhaza layo. 

INkosi Langalibalele yokuqala ifaniswa noMose owahola abantwana bakwa-Israel eyobafaka eKhenani, kodwa yena wagcina engafikanga. 

Nayo inkosi yalwela amalungelo alesi sizwe kwaze kwaba iyadingiswa esizweni sayo, yaquliswa amacala enkantolo yaseMgungundlovu yaphetha ngokuboshelwa eRobben Island. 

Yahlala iminyaka ewu-13 kuleli jele kwaze kwaba iyadedelwa ngemuva kokuba uMfu Jonh Colenso ebhalele indlovukazi yamaNgisi, eyazisa ukuthi kwaba nobudedengu iboshwa futhi yaboshelwa ukulwela umhlaba wayo. INkosi Langalibalele yahola impi yakwaBhulihawu, eyayiphakathi kwamaNgisi namaHlubi. 

Kuvela ukuthi maningi amaNgisi asala eziNtabeni zasoKhahlamba ngenkathi ibambene. 

Ngokusho kukaMnu Ndabenhle Hadebe oyimbongi yesizwe samaHlubi, uthi lona wumcimbi waminyaka yonke. 

“Sikhumbula amagalelo neqhaza lenkosi yethu eyadingiswa mhla ka-11 kuLwezi (November) 1873. 

“Ngikhuluma nje ilokishi laseCape Town elaziwa ngokuthi yiKwaLanga, laqanjwa ngayo inkosi njengoba yafika kuleya ndawo yakha isizwe. Isizwe samaHlubi sisabalele ezindaweni ezahlukene zezwe. 

“Ngiyafisa ukukucacisa ukuthi akulona iqiniso okukhulunywa ngamaHlubi atholakala e-Eastern Cape. Abadukisa umlando bayaye bethi afudukela kuleya ndawo ngoba ebalekela iLembe (iSilo uShaka). 

“AmaHlubi ahamba noMpangazitha owayesembangweni wobukhosana nomfowabo uMthimkhulu, bezalwa nguBhungane. Nokho-ke inkosi ebusayo manje isemkhankasweni wokubumba isizwe samaHlubi ukuba sibe munye,” kusho uMnu Hadebe.

phumlani@ilanganews.co.za

UNKK Zibuyile Hadebe efunda inkulumo kayise emcimbini wokukhunjulwa kukakhokhow akhe, iNkosi Langalibalele. ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA

Previous articleKuphazamiseke izimoto befuna ithimba eliqondene namacala okunyamalala kwezingane
Next articleOwathola iziqu phesheya ubekwe ngokwethenjwa kwesesekela leshansela e-UKZN