Ifu elimnyama ephalamende kushona ilungu engozini yemoto

744

PHUMLANI GAMA

ALOKHU engene njalo amazwi enduduzo emndenini wakwaMthembu eMacekane, eMpangeni ngokudlula emhlabeni kukaNkz Alice Mthembu (64) (osesithombeni) obeyilungu lephalamende – ngethikithi le-ANC – oshone engozini yemoto izolo ngoLwesibili. Le ngozi yenzeke emgwaqweni u-R34, khona eMpangeni, umufi ehamba yedwa ngeToyota Fortuner yakhe. Kubikwa ukuthi kuqhamuke enye imoto yashayisa eyakhe ngemuva. 

Umufi uke waba yiphini lemeya eKing Cetshwayo, kanti ngaphambi kwalokho, uke waba ngusomlomo kulo masipala. Indodakazi yakhe, uSamkelisiwe Ntuli, itshele ILANGA ukuthi kawukho omunye umsebenzi oke wasentshenzwa ngunina ngaphandle kokuba kuhulumeni. Iphalamende likuqinisekisile ukudlula emhlabeni kwelungu lalo.

Previous articleYidla ukudla wena fighter, ukhohlwe ngoRev Mkhekhelezi izihhemane zendawo
Next articleNami bengizowuduba umdlalo, okwakobani ukugijinyiswa yiSundows ungaholile!