Kunezinsolo zokuthi kukhona abebhekene nakho njengoba kuthiwa uke wabonakala enkantolo
NONHLAKANIPHO SHINGA
INKOSIKAZI yephoyisa ifuna izimpendulo “kwishende elishadile” ebelisebenza nomyeni wayo ozingqokloze ngesibhamu wafa, emagcekeni esiteshi samaphoyisa ngoMsombuluko. USergeant Mondli Shinga (42), obesebenzela esiteshini saseScottburgh, ongowaseMzumbe, KwaNdelu esigodini saseXobho, uzidubule emlonyeni wa-shonela khona lapho ngezikhathi zasekuseni ngoMsombuluko. Kuthiwa uzibulala nje, ubesanda kuhlaselwa yinkosikazi yakhe emsebenzini iyomlwisa ngendaba yakhe “yokujola emsebenzini.” Ngokuthola kwaleli phephandaba, uSgt Shinga ubengafuni ukwaliwa nguzakwabo oyishende lakhe naye oshadile, okuthiwa bese bethandane isikhathi esingaphezulu konyaka. Kuthiwa baqale ukungaboni ngasolinye nesinqandamathe ngemuva kokuba sikhale ngokuthi umyeni waso uyasola ukuthi kukhona okwenzakalayo phakathi kwabo.
Kuthiwa umufi ubeshaya phansi ngonyawo ethi ngeke bahlukane, angamane athathe umphefumulo wakhe kunokuthi bahlukane. Nga sekuqaleni kwesonto kuye ngawo amagama enkehli njengoba uSgt Shinga evele wazibulala. ILANGA lihambele kubo kaSgt Shinga, lapho inkosikazi kamufi uNkk Sizakele Shinga, beyihleli emakhandleleni ithi nayo isakhungathekile ngokwenzekile. UNkk Shinga uthe kakulona iqiniso ukuthi uke wahlasela umyeni wakhe emsebenzini eyomqulisa amacala ngokuqonywa kwakhe nguzakwabo oshadile. “Bese nginesikhathi eside ngitholile ngokuthandana kwabo futhi bese siyikhulume kaningi indaba yokujola kwabo, ngimkhuza kukhona,” kusho uNkk Shinga.
Uthi uze wabikela umndeni ngento ebiyenziwa ngumyeni wakhe ngoba ebona umehluko ungekho, beqhubeka nokuthandana yize base beyikhulumile indaba. Omunye oyisihlobo uthe umakoti wababikela ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ngenkinga abhekene nayo emshadweni wakhe nomufi. “Le nto uqale wayithola wangasitshela, wathula nayo umakoti. Uke wagula walala ngisho esibhedlela ebanjwe yingcindezi ngenxa yaso lesi simo,” kusho lesi sihlobo esicele ukuthi singadalulwa. Omunye umthombo waleli phephandaba uthe kunezinsolo zokuthi kukhona okunye abebhekene nakho umufi njengoba ngaphambi kokuzibulala, uqale wabonakala enkantolo.
“Kasazike noma enkantolo wayeye khona ngoba kunesimo abe-bhekene naso noma kukhona okunye okungakaveli abebhekene nakho. Kangikholwa ukuthi ubengazibulalela unkosikazi womuntu abentshontshana naye nje,” kusho lo mthombo. Uphinde waqinisekisa ukuthi inkosikazi yakhe iye esiteshini iyomlwisa ngeledlule kodwa ka-kwaziwa ukuthi bebebangani. “Ubengumuntu onobuhlakani obuyisimanga, ezama ukuvusa umuzi wakubo esakhile njengoba abazali bobabili bebengasekho. Umuntu onjalo ngeke azibulalele into engekho. “Ubephinde abe yilungu lesigungu sasebukhosini bakwaNdelu njengoba ebeziqhenya kakhulu ngemvelaphi yakhe,” kusho umthombo. Izolo ntambama iNkosi Sifiso Ndelu nesigungu sasebukhosini bahambele umndeni kamufi beyobhonga emswanini. Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa asaphenya. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za