Ufuna ukugila igoda isikhulu esamkhulisa
MFANAFUTHI NDLOVU
IKAIZER Chiefs ifunga iyagomela ukuthi izokwesula izinyembezi zabalandeli bayo ngokwehlisa emthini iRichards Bay FC emdlalweni wala makilabhu weDStv Premiership ongoMgqibelo ngo-20h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.Izinhliziyo zabadlali beChiefs zisaqaqamba ngemuva kokulotsholwa yiMamelodi Sundowns ngo-4-0 koweligi ngeledlule eTshwane.UZitha Kwinika (28), (osesithombeni) oyisitobha seChiefs, utshele ILANGA izolo ngoLwesithathu ukuthi yize enobuhlobo neBay FC, kodwa kayikho into eduma kuyena nakozakwabo ngaphandle kokulwela ukubuyisa isithunzi seziMpofana, esihuduleke phansi njengoba bekubukiswa ngazo ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mdlali uchithe isikhathi eside edlala kwiThanda Royal Zulu egcine ithengisela AmaZulu FC ilungelo lokudlala kwi-premiership. USifiso “Jomo” Biyela ohola iBay, ubeyisikhulu seThanda isadlalelwa yilo mdlali.“Kuningi esisakufunda kubaqeqeshi njengoba ikilabhu yakhiwa kabusha. Siyazi ukuthi iBay FC iqale kahle kule sizini, kodwa nathi sizimisele ngokungabaphoxi abalandeli bethu emidlalweni emibili ilandelana. Umqeqeshi wethu (u-Authur Zwane) ukugcizelele ejimini ukuthi singalinge sivumele iBay ukugcina ibhola isikhathi eside, ikakhulukazi esiswini.
“Nginenselelo yokwenza kahle kuyona yonke imidlalo njengoba ikilabhu ingibuyise ngingalindele nhlobo,” kusho uKwinika obegijima kwiStellenbosch FC ngesizini edlule. Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership engempelasonto imi kanjena:KUSANGOLWESIHLANUEDobsonville: Swallows vs AmaZulu 19h30.NGOMGQIBELOEPrincess Magogo: Golden Arrows vs TS Galaxy 15h00.EPeter Mokaba: Sekhukhune United vs Mamelodi Sundowns 15h00.E-DHL Stadium: Cape Town City FC vs Stellenbosch 17h30.EMoses Mabhida: Kaizer Chiefs vs Richards Bay 20h00.EHarry Gwala: Maritzburg Utd vs Chippa United 20h00.NGESONTOEChatsworth: Royal AM vs Marumo Gallants FC 15h00.ELucas Moripe: SuperSport Utd vs Orlando Pirates 17h30