iphume emuva kwezinsuku eziwu-50 wadlula emhlabeni
SKHOSIPHI MTHEMBU
INGASE iqale indlela ebheke ekupholeni kwezilonda emndenini kaMotjeka Madisha owayeyisitobha seMamelodi Sundowns eqhwakele kwi-log kwiDStv Premiership njengoba igcine ibuyile imiphumela yokuhlolwa kolibofuzo ebisiyenze ukuba isidumbu sakhe sihlale isikhathi esiyela ezinyangeni ezimbili zingafihliwe.
Lo mdlali washona engozini yemoto mhla ka-12 kuZibandlela (December) ngaseKempton Park, eGauteng. Imoto yasha yasala iyigobongo.
ILANGA ngoLwesine lilobe ukuthi namanje umndeni usasebumnyameni ngokufihla ithambo lawo ngenxa yokubambezeleka kwemiphumela yolibofuzo emaphoyiseni. Emuva kwalolo daba, kuvele izindaba zokuthi isibuyile imiphumela yalo mdlali odabuka eGa-Madisha, eZebediela, eLimpopo, uzongcwatshwa mhla ka-6 kwephezulu.
Lezi zindaba ziqinisekiswe yi-Sundowns ngesitatimende esikhiphe ngoMgqibelo, esithi imiphumela ikhomba ukuthi nguyena ngempela uMadisha lo owasha nemoto. Ngokwesitatimende, umndeni uthole imiphumela ngoLwesine.
“Sesingakuqinisekisa ukuthi umuntu owaba sengozini yemoto mhla ka-12 kuZibandlela, nguMotjeka “Ace” Madisha. Le miphumela iphume emuva kwezinsuku eziwu-50 wadlula emhlabeni, kodwa-ke ngenxa yesimo ayekusona esadalwa yile ngozi bekumele kulandelwe imigudu efanele ukuze kuqinisekiswe ukuthi nguyena ngempela.
Kule ngozi kwashona nomngani wakudala kaMadisha, uThabang Martin Kakasa,” kusho iSundowns esitatimendeni.
Iqhube yathi lo mdlali wakhushulelwa esikimini esikhulu saleli qembu esuka kwiMamelodi Sundowns Academy, wadlala umdlalo wakhe wokuqala mhla ka-14 kuMandulo (September) 2016 ezakhe zibhekene neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium.
UMadisha wagcina ukubonakala ensimini iDowns ibhudluza iStellenbosch FC ngo-3-0 koweDSTV Premiership kanti lowo kwakuwundlalo wakhe wesi-99 edlubhe ijezi leThe Sky is the Limit (Sundowns).
Kule midlalo yakhe ewu-99, wahamba enamagoli awu-3. Wagijima ewu-24 kwiCaf Champions League, washayela ezakhe amagoli amathathu. Wadlala nakwiBafana bafana, wayishayela igoli elilodwa.
Okhulumela umndeni wakwa-Madisha, uMnu Fanie Tsela, ukuqinisekisile ukuthi imiphumela ibuyile, wakuqinisekisa nokuthi umngcwabo uzoba ngoMgqibelo. skhom@ilanganews.co.za