IGcokama Elisha nenselelo kumasipala ukuhlonipha uMgqumeni

465

MTHOBISI SITHOLE

UPHONSELWE inselelo yokuqamba umcimbi wawo ngomculi kamaskandi, uKwakhe “Mgqumeni” Khumalo, iBhova likaDikadika (ongasekho), uMasipala waseNquthu, njengendlela yokumhlonipha.

Lokhu kushiwo ngumculi kamaskandi, uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, ngoMgqibelo ebusuku kwiNquthu Maskandi Festival, ebihlelwe  yilo masipala. 

IMeya yaseNquthu, uMnu Zama Shabalala, ithe ngeke lo umcimbi uqanjwe elinye igama ngoba inhloso yokuphenjwa kwawo kakuyona leyo. 

Ithe udaba lukaMgqumeni kuzoxoxiswana ngalo. 

Iveze nokuthi baningi abaculi bakule ndawo abangasekho emhlabeni, ababedumile ngaphambi kukaMgqumeni, nabo abasebenze kakhulu emculweni. 

Ithi ukuqamba umcimbi ngeBhova kuzobadalela imibuzo eminingi. 

“Ngomunye unyaka siyohlala phansi, sibheke ukuthi singawenza nini umcimbi oqondene naye ngqo (uMgqumeni). 

“Kuzokhumbuleka ukuthi
ngo-2021 siwenzile umcimbi wokumhlonipha, samema
nomndeni wakhe, sawuhlalisa ngokukhethekile, sakhipha nesheke eliqonde emndenini. 

“Uma-ke sizoshintsha umcimbi lo siwuqambe ngaye, kungavuka imibuzo yokuthi ngoba kwakukhona uMahawukela Mseleku ngaphambi kukaMgqumeni, naye ohambe ibanga elide emculweni, abantu bazothi sithini ngaye,” kusho uShabalala. 

Omama bendawo babukise ngemvunulo yabo komaskandi abadumile – kubalwa kubona uBahubhe, uJaiva, uShwi, Imithente, IMfezi, iNkosi Yamagcokama, uKhuzani, uSkweletu,  neGcokama – abebeyingxenye yomcimbi. 

Previous articleIbulawe nondlunkulu wayo inkosi “ebizingelwa” yizinkabi
Next articleEyeKaizer Chiefs isidinga ukuhlaziya okusaBhedlindaba “VVO” Mkhize