THANDEKA NGOBESE
ISITHOMBE ngu: THANDEKA NGOBESE
IPHUME esibhedlela iClairwood, eThekwini ngoLwesibili yagqashiya intombi endala ebingeniswe ophikweni olwelapha abaneCovid- 19 kukubi, icinene, ingasakwazi ukuphefumula ngenxa yalesi sifo, kodwa yaphuma isiwumqemane.
UNkk Ntombikayise Ndlovu (80), waseMzinyathi, eNanda, uthi uhlatshwe wumkhuhlane mhla ka-9 kwephezulu, kanti ubesehlale izinsuku eziwu-12 esibhedlela njengoba ngoLwesibili ephumile wayohlangana nomndeni wakhe.
Uthi ubezitshela ukuthi uphethwe wumkhuhlane ojwayelekile, kwazise ukugula kumqale ngokukhwehlela, isifuba sisinda.
“Abantwana bangibizela i-ambulance yangiyisa esibhedlela saseMhlanga, ngafika khona ngahlolwa kwathiwa yonke into ihamba kahle, akukubi ngingabuyela ekhaya.
“Ngahlala ekhaya ngiphuza nale mishanguzo engayithola esibhedlela, kodwa ngingabi ngcono. Kwathi mhla ka-12, bangifonela abesibhedlela saseMhlanga bathi mangibuye imiphumela yokuhlolwa kwami isibuyile, ikhomba ukuthi ngine-coronavirus.
“Ngaphuthuma khona ngokushesha, uma sifika, basitshela ukuthi ngeke bangilalise ngoba kangiguli, izingane mazingithathe ngiyogonqa ekhaya.
“Kwathi sesibuyile, ngazizwa ngigula kakhulu, isifuba sicinana, kungaphefumuleki kahle, ngazama ukulala embhedeni kwaba nzima kakhulu kwaze kwaba ngconywana uma ngilala ikhanda ngilibeka phezu kwemicamelo eminingi. Izingane zangiletha lapha kulesi sibhedlela (Clairwood), bangelapha odokotela ngaze ngazizwa ngingcono.
“Kukhona konke ngibonga uNkulunkulu ngoba ngikholwa wukuthi nguye ongivusile,” kusho uNkk Ndlovu.
Ugqugquzela ontanga yakhe nabangaphansi kwakhe ngeminyaka yobudala ukuba bazinakekele, asebenalo igciwane balandele imiyalelo yodokotela.
“I-Covid-19 iyelapheka, nami ngisindile, abantu mabangalilahli ithemba babeke uNkulunkulu phambili,” kusho uNkk Ndlovu.
Uthi ngeke aqambe amanga athi wukudla okuthile okumsizile ngoba yena akakukhethi ukudla, udla noma yini edliwa ngumuntu, yize engawadli kakhulu amafutha noshukela njengoba enesifo sawo (ushukela) nenkinga yomfutho wegazi ophezulu.
“Isikhathi esiningi ngiyaziphekela, ngifaka amafutha angangezipuni ezimbili ukushisisa u-anyanisi, ushukela sengidla lona owabanoshukela.
“Inyama ngiyayidla nemifino ngiyayidla, akukho engingathi kangikudli yize sengidla isikalo esincane, kodwa ngidla njalo bese ngiyaphumula,” kusho yena.
UNkk Ndlovu unabantwana abawu-6 abasaphila nenqwaba yabazukulu.
Umndeni wakhe ubonge kakhulu isibhedlela saseClairwood noMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ezingeni lesifunda seTheku ngokumhlenga.
thandeka.ngobese@ilanganews.co.za