LUCKY CAIN
IFISA ukuzakhela elayo igama kwezikaqedisizungu indodakazi kaZanele Mbokazi-Nkambule, uYolanda Myeza, engomunye wabalingisi abaqavile emdlalweni okhula ngesivinini kumabonakude, iSbongile and The Dlamini’s, okhonjiswa kuMzansi Wethu, (Channel 163) kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu.
Ekhuluma neLANGA uYolanda – odlala indawo kaNomalanga kulo mdlalo oqoshelwa eThekwini – uveze ukuthi ufisa ukuzakhela elakhe igama kulo mkhakha, angaziwa njengendondakazi kaZanele – ongumsakazi woKhozi FM, ongumsunguli weSABC Crown Gospel Awards futhi oseke waba ngumethuli wezinhlelo zikamabokude aphinde abe.
“Ngeke ngikubalekele ukuthi ngizalwa ngubani futhi ngeke kushintshe lokho, kodwa okumqoka wukuthi ngizakhele impumelelo yami futhi ngizakhele elami igama ngaphandle kokuthi ngiyindodakazi kabani,” kusho yena. Uthe uyamhlonipha unina ngamagalelo akhe emkhakheni wezikaqedisizungu. “Okuhle wukuthi nginaye umuntu ozongichushisa ngalo mkhakha, njengoba umama eseke wayihamba le ndlela isikhathi eside,” kusho uYolanda.
Uthi uthando lokuba kulo mkhakha lwamfikela esemncane njengoba wayethi uma ebukela imidlalo kamabonakude, abe nesifiso sokulingisa. Uthi ngesikhathi eqeda umatikuletsheni, akazange angabaze ngezifundo ayezozenza, wakhetha ukuyofundela wona lo mkhakha esikhungweni esigxile kwezamafilimu nezikamabonakude.
Lona akuwona umdlalo wokuqala le ntokazi ebonakala kuwona, njengoba ike yavela iziqeshana emdlalweni ongasekho emoyeni, iDurban Gen. “KwiDurban Gen ngavela kancane, kanti iSbongile and the Dlamini’s, yiwona mdlalo wokuqala omkhulu engithole indawo eqavile kuwona,” kusho yena. Uveze ukuthi ngaphambi kokujoyina lo mdlalo, uke wasebenza njenge-production assistant emdlalweni oyintandokazi, Umkhokha-; The Curse, okhonjiswa kuMzansi Magic (Channel 161).
Echaza ngendawo kaNomasonto, uthe ngeyowesifazane othanda izinto, ototoswayo, owazi ukuthi konke okuhle emhlabeni kufanele yena. “Uyintombazane ethanda izinto, kodwa engafuni ukuzisebenzela, njengoba ezalwa emndeni kasopolitiki ongumacaphuna kusale,” kusho yena.
Uthe le ndawo ihlukile kunaye, kwazise yena ukhonze ukuzisebenzela futhi akatotoswanga ekhula, nakuba ekhule kamnandi emndenini wakhe.
Utshele leli phephandaba ukuthi uzizwa ethobekile ukuthi lo mdlalo ukhombisa ukuthakaselwa ngababukeli njengoba ngeledlule kuvele ukuthi usunyukelwe ngababukeli ngesibalo esiphezulu.
“Okuhle ngalo mdlalo wukuthi ufika nokuhlukile, okugxile entsheni,” kusho uYolanda.
Uthe kuningi abantu abasazokubona ngendawo yakhe kulo mdlalo. Uqhube ngokuveza ukuthi unesifiso sokukhula kulo mkhakha asungule eyakhe inkampani yokuqopha imidlalo kamabonakude namafilimu, anikeze intsha eneziqu ithuba lokuveza amakhono ayo. Utshele leli phephandaba ukuthi uzosebenzisana nonina ekukhiqizeni eminye imidlalo kamabonakude namafilimu ezogxila kuNkulunkulu.