Ijaji likhiphe umyalelo wokuboshwa kukafakazi “onamanga”

331

SKHOSIPHI MTHEMBUĀ 

LIKHIPHE umyalelo wokuba kuboshwe ufakazi oqambe amanga, edukisa inkantolo ijaji, ngesikhathi ethula ubufakazi, ukuze nabanye abenza lokho bezothola isifundo. 

  Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngesikhathi iJaji uMohini Moodley, lilahla uSfiso Ndlovu (46) (osesithombeni), ngamacala amathathu; elokubulala umkakhe uNkk Khulukazi Ndlovu (39), 

elokuthumba nelokucekela phansi. Umlotha kamufi watholwa emotweni yakhe emathuneni aseMolweni, eThekwini ngoMbasa (April) 2020.  Liqede ukukhipha isigwebo ijaji, lakhipha umyalelo wokuba kuboshwe uMnu Lindela Vezi ongumshana 

kaSfiso, owethule ubufakazi bakhe ngeledlule.

    Imsole ngokudukisa inkantolo, eqamba amanga ekubeni efungile. 

ILANGA libike kabanzi ngalolu daba phambilini, lapho kwavela ukuthi uSfiso nomufi babenezinkinga emshadweni wabo, ezagcina ziholela ekutheni umufi aphume emzini wabo osePhoenix. 

USfiso wacasulwa wukuthi umufi wayesenobudlelwano nomunye wesilisa owayeseze wamthengela iKia Picanto, futhi 

besebenza ndawonye bobathathu, enkampanini yamabhasi. 

Ubufakazi obethulwe wumbuso baveza ukuthi umakhalekhukhwini 

kaSfiso wawudonsa ndawonye 

nowesilisa okuthiwa nguVibes, ongowokufika, owayesizana naye ngesikhathi ebulala umufi. 

Ijaji lilahla uSfiso ngamacala, lithe umbuso uveze ubufakazi obugculisayo. 

Lithe uMnu Vezi ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe, bekubonakala ukuthi ufunziwe, watshelwa ukuthi makathini enkantolo. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUkuvuvukala kwe-prostate akuwona umdlavuza
Next articleUlahlwe yicala oxolelwe ngumukhwe wakhe kwelokubulala inkosikazi