BHEKI NDLOVANA
UMTHWALO ususemahlombe ejaji, uMnu uNorman Davis ebelihlalele ukuqulwa kwecala lombango wesihlalo sobukhosi baKwaZulu, eNkantolo eNkulu ePretoria.
Zishudulisane kwaba kuncane indawo kusukela ngoMsombuluko kwaze kwaba yizolo ngoLwesithathu, abameli bezinhlangothi eziyingxenye yaleli cala, bebekela inkantolo izethulo zabo futhi bephendulana.
Isiguqa inkantolo izolo, uMnu uDavis uthe unegunya lokulubhekisisa kahle lolu daba ngenxa yokubaluleka kwalo ebukhosini, ezizweni nasebantwini baKwaZulu, kanjalo nakuzo zonke izinhlangothi ezithintekayo.
Uthe ukubhekisisa lolu daba kuzohlanganisa ukubhekisisa ngokujulile bonke ubufakazi obubekwe phambi kwenkantolo nazo zonke izethulo ezenziwe ngabameli.
Ube esememezela ukuthi isinqumo usigodlela olunye usuku olungakanqunywa.
Inkantolo ilalele izethulo zabaphikisa ukuqokwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini, okungumnewabo, uMntwana uSimakade, olwela ukuthi nguyena okwakumele ahlale kulesi sihlalo njengendodana endala futhi yokuqala yeSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
Engqikithini yezethulo zommeli woMntwana uSimakade, uMnu Allan Dobson, kugqame ukuthi kalulandelwanga ngendlela efanele uhlelo lokuqokwa kweSilo.
UMntwana uMbonisi – ongumfowabo kayise weSilo uMisuzulu noMntwana uSimakade – obemelwe ngummeli wasemajajini, uMnu uThabani Masuku, naye uthi kalusingathwanga ngendlela efanele udaba lokuqokwa kweSilo.
Ngakolonye uhlangothi, iSilo uMisuzulu – ngomlomo wommeli waso, uMnu Cedric Puckrin, utshele inkantolo ukuthi ungofaneleyo wukuhlala kulesi sihlalo.