SKHOSIPHI MTHEMBU
UZOGUGELA ejele uThokozani Mhlongo owabulala umqashi wakhe nozakwabo eMgababa, eThekwini – ngosuku lokubungaza abesifazane, umhla ka-9 kuNcwaba (August) – emuva kuba iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu imgixabeze ngodilikajele ababili ngamacala okubulala neminyaka emithathu kwelokweba.
UThokozani ugwetshwe ngamacala okubulala uNkk Moni Xulu (umqashi) noNkz Zanele Mbuso (uzakwabo) nelokuntshontsha omakhalekhukhwini babafi. Nokho lezi zigwebo uzozidonsa kanyekanye (okusho ukuthi zonke zizokotela kudilikajele owodwa).
Izidumbu zabafi zatholwa zigqitshwe emgodini ongashoni, sekuphele izinsuku bengaziwa ukuthi bakuphi. Ngesikhathi evuma amacala uThokozani, waveza ukuthi wabulala uNkk Xulu ngoba exoxele ozakwabo izimfihlo zomndeni wakhe. Waveza ukuthi uNkz Mbuso wamubulala ngoba wayesemubonile ebulala uNkk Xulu.
Ijaji uNompumelelo Radebe, lithe uThokozani wakhombisa wakhombisa unya olwesabekayo futhi akakhombisanga ukuzisola ngesenzo sakhe njengoba esevika ngoSathane, ethi nguyena (namadimoni) “owamyengela” oPhathe, ukuze agcine ebulele abafi. Lithe njengoba uSathane engenalo uzwelo, nalo ngeke libe nozwelo (kumbulali).