JOHN HLONGWA
INQUNYELWE ugwayi katiki yinhlangano elma nokwebiwa kwemfuyo, iSikebhe inyanga edumile yaseMelmoth, uMnu Khumbulani “Mabalengwe” Ntombela (osesithombeni), ukuba ibuyise u-R150 000 eyawuthatha idayisela owesilisa waseNquthu izigubhu zokuthwala “ezingasebenzi”.
UMabalengwe ubevulelwe icala (kule nhlangano) nguMnu Bongani Ndlovu ongumshayeli wamaloli. ISikebhe simlahle ngecala ngeledlule.
ILANGA labika kabanzi ngalolu daba ngoNtulikazi (July), uNdlovu ebalisa ngokuthi uthenge izigubhu ezingasebenzi kule nyanga.
Leli phephandaba likhulume noMnu Zakhele Mncube oyisekela likamengameli weSikebhe, othe: “Sijabule kakhulu ukuthi ekugcineni uMabalengwe ugcine evelile phambi kwekomidi. NoNdlovu ubekhona ukuze azizwele konke okuxoxwayo.
“Ngesikhathi kuqulwa icala, uMabalengwe ubezithethelela ngokuthi uNdlovu akayihloniphanga imibandela yokuthwala, wafika wazitika ngocansi ngesikhathi esesigodlweni.
“Liquliwe icala lakhe, lamlahla kwavunyelwana ngokuthi akhokhe yonke imali ayithatha edayisela uNdlovu izigubhu. Uzikhalele ngokuthi akanayo imali ngenxa yokuthi ivaleleke ebhange, akakwazi ukuyithola ngenxa yecala abhekene nalo. Kube sekwenziwa isivume-lwano sokuthi akhokhe uR60 000 ngoZibandlela (December), enye eyikhokhe izikhawu.
“Izigubhu zakhe kuthiwe makazithathe agoduke nazo,” kuphetha uMncube.
UMabalengwe uke waba sematheni ngecala lokukhwabanisa izizumbulu zemali yelinye lamabhange amakhulu ehlangene nesisebenzi salo nabanye. Kwagcina ngokuthi adlelwe unyanyavu lweMercedes-Benz.
Ethintwa uMabalengwe, uthe akafune kukhuluma.
“Nina nangiphoxa nangaxolisa, angifuni ukukhuluma nani. Umuntu niyamveza niphinde nimwise. Uma ufuna ukuphawula kwami, fika la njengoba wawenzile ekuqaleni. Ningivithizile nangehlisa isi-thunzi, nawisa umsebenzi wami,” kubalisa uMabalengwe.
UNdlovu utshele ILANGA ukuthi uzizwa ejabule ngokwenzekile.
hlongwaj@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za