“Ikhansela” le-EFF ezinsolweni zokugqekeza esiteshini samaphoyisa kwatshontshwa izikhali

237

INTATHELI YELANGA

KUBALWA nekhansela le-EFF ePolokwane kubasolwa abawu-7 abashaqwe ngabakwasidlodlo mhla ka-28 no-29 ngezinsolo zokugqekeza ehhovisi lophiko lweSAPS, olubhekene nokwebiwa kwemfuyo (Stock Theft Unit), bashaqa izikhali okubalwa kuzo nezinhlamvu eziwu-400.
Kubikwa ukuthi abasolwa benzelwe izinto zaba lula yilungu leSAPS. Ngokusho kwamalungu omphakathi, omunye wabasolwa uyikhansela le-EFF. Esitatimendeni esikhishwe nguBrig Hlulani Mashaba okhulumela amaphoyisa eLimpopo, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa.

Izikhali nezinhlamvu kutholwe ngamaphoyisa emuva komsebenzi obuqhutshwa ngabezobunhloli. UMashaba uthi laba basolwa abaneminyaka ephakathi kuka-34 no-70, babanjwe ezindaweni ezahlukene eSeshego naseMoletjie, ePolokwane.
Bashaqwe nezimoto ezintathu – amaSedan amabili neSUV – eziyingxenye yophenyo. “Omunye wabasolwa ubevele efunelwa elinye icala elimayelana nokubulala nokubamba inkunzi ePolokwane, kanti incwadi egunyaza ukuba aboshwe mayelana necala lokubulala, ibisikhishiwe, kodwa wehluleka wukuvela enkantolo,” kusho uMashaba.

Uqhube ngokuthi kunophenyo lwangaphathi oluqhubejayo ukubheka ubudedengu obuholele kulesi sigameko. Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseSeshego ngoLwesibili, babhekene necala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, yizinhlamvu neziqhumane.

Previous articleEyengoma yonyaka oKhozini isizofuza ipolitiki yeqembu elibusayo
Next articleEzimnandi kubanikazi bezimoto ngophethiloli