Ikhehla (75) “lidubule labulala” isalukazi (69)

1853

ukufa’Indodakazi ithi ingxabano isuke kubukwa umabonakude, uyise wakhomba unina ekameleni

lzidumbu zabo zitholakale zidindilizile edanyini legazi ekameleni labo

NOMFUNDO NGWANE


SISHIYE umphakathi wakwa K, eMlazi ukhexile isigameko sowesilisa osekhulile okuthiwa udubule wabulala umkakhe, naye wazidubula wafa emuva kwengxabano engaziwa okubikwa ukuthi iqubuke ekamelweni labo ngoMsombuluko ebusuku sebelungiselela ukuyolala. Kubikwa ukuthi uMnu Zibonele Ngcobo (75), udubule wabulala uNkk Thokozile Ngcobo (69), kanti wenza lokhu nje, ubeke wakhala ngokuthi kunabantu abafuna ukumbulala. Nawo amalungu omndeni wakhe uke wawasola ngokufuna ukumyisa kwagoqanyawo. UNkz Zamafuze Ngcobo (32), oyindodakazi yabafi obekhona ngoMsombuluko kwenzeka lesi sigameko uthi uyise ugila le mihlola nje, ubesenakho ukukhuluma izinto ezingekho. Uthi isibhamu besisemthethweni, wasithenga esayinsizwa. Ubesejwayele ukuhlala esishutheke enqulwini ekhala ngokuthi kunabantu abafuna ukumbulala. Ngisho eya esontweni, ubesiphatha, athi wenzela ukuzivikela ngaso kwabafuna ukumbulala.


Utshele leli phephandaba ukuthi uyise bekungumuntu obehlale enolaka. Uthi bebehleli bobathathu ngosuku lwesigameko bebuka umabonakude ngezithuba zo-21h00 ebusuku. Uthi uyise wavukwa wulaka esikhaleni wabuza yena nonina ukuthi bahlaleleni bengayi ukuyolala ngoba sekuhlwile. Uthi ubayalele ukuba bacishe umabonakude, bahambe bayolala. “Senze njengoba esho. Ngesikhathi sengilele, ngizwe into iqhuma kabili, kodwa ngazitshela ukuthi iqhuma emgwaqweni, ngaqhubeka ngalala. “Ngize ngethuka ngoLwesibili ekuseni ngibona kuze kushaya u-07h00 bengavuki, okuyinto ebingajwayelekile.


“Ngingqongqoze ekamelweni labo kwangaphendula muntu. Kuthe uma ngiphusha isicabha, ngathola ukuthi sikhiyiwe,” kusho uNkz Ngcobo. Uthi kuthe uma ebheka eminye iminyango yasendlini, wathola ukuthi ikhiyiwe. Uzame ukuphuma ngewindi ukuze ayothola usizo ngaphandle. Kuthe uma ezama ukuvula ela-sekamelweni labazali bakhe, wathuka wacishe washayeka phansi ebona izidumbu zabo phezu kwedamu legazi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa esiteshini saseBhekithemba, eMlazi, avule icala lokubulala nedokodo lophenyo.
nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleIzikhukhula zishiye kukhalwa eMnambithi
Next articleUKhune ugeze umqeqeshi ubebebe