Ikhehla (75) lifuna ukugijima imijaho ewu-30 yeComrades

395

MZWAMANDLA ZONDI

UZIMISELE ngokuyeka ukugijima iComrades Marathon uma esegijime imijaho ewu-30 uMichael Langa (75) waKwaMashu, ozokube egijima umjaho wakhe ka-28 ngeSonto.

IComrades yalo nyaka izosukela eThekwini isongwe eMgungundlovu kanti kuzokube kuwumjaho ka-97. Eyokuqala yaba ngo-1921. Lo mjaho – owasungulwa nguVic Clapham owabamba iqhaza eMpini yoMhlaba yokuQala, ehlonipha amasosha aseNingizimu Afrika asala kule mpi – wake waphazamiseka ngesikhathi seMpi yesiBili yoMhlaba nangesikhathi kusabalala ngamandla ukhuvethe ngo-2020 kuleli.

ULanga – ongowokudabuka eBulwer kodwa ohlala kwaB KwaMashu – uqale ukuba yingxenye yalo mjaho ngo-1989, kodwa kuneminye iminyaka lapho engawugijimanga khona. “Ngijima kabili ngosuku, ekuseni nantambama. Kangigcini ngokugijima ngibuye ngibe ngumqeqeshi,” esho.

Unxenxe abantu baseNingizimu Afrika ukuba bayigijime noma yikanye nje iComrades.

Lo msubathi useke wamela iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) emijahweni eminingi kanti igama lakhe lihlale livela njalo uma kunemijaho yesifundazwe eba ngezimpelasonto.

ULanga nomfowabo uSazi, banomjaho ka-10km obuqala ukuba khona kulo nyaka eCreighton ngaphansi kukaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma. Uthe isifiso sabo esikhulu wukuba lo mjaho ukhule, kugcine sekukhona ne-marathon (42,2km). Ngaphandle kwalo mjaho, bajwayele ukuhlela i-training run eqala eBulwer isongwe eCreighton minyaka yonke.

Previous articleU-Erasmus uvalelisile kwiBucs
Next articleKuvuke elinye icala “enkosini” esolwa ngokudlwengula isihlobo