Ikhehla (82) “lidubule labulala umzukulu”

839

Kuthiwa umufi obebudlonyile, ubefuna ukugadla kumsolwa, efuna izimpendulo ngenhlambuluko kaninakhulu ongasekho

UMNU Siyanda Phoswa (22), okuthiwa udutshulwe wabulawa ngumkhulu wakhe ngoMgqibelo phambi kwamalungu omndeni.

TSEPO MOLEFE
SIMUNCU isimo emndenini wakwaPhoswa, eNhlabamkhosi, eMpendle kula-ndela isigameko okuthiwa senziwe ngubaba wekhaya (82), odu-bule wabulala umzukulu wakhe (22), amahlandla amathathu, kubuka amalungu omndeni ngoMgqibelo ebusuku. Kuthiwa uMnu Joseph Phoswa (82), ucikwe wukuthi umzukulu wakhe umbuze ukuthi izokwenziwa nini inhlambuluko kaninakhulu wakhe ongcwatshwe ngoLwesihlanu lwePhasika ngenyanga eyedlule uMbasa (April), ukuze kuzo-gezwa umsamo.


Lesi gameko sishiye umphakathi waseNhlabamkhosi umangele ngesenzo sikaMnu Phoswa, ophume ngebheyili eNkantolo ngecala lokubulala umzukulu wakhe uMnu Siyanda Phoswa. Kulesi sehlakalo esenzeke emzini walo ikhehla, kuvela ukuthi lidinwe wukubuzwa yingane izinto zabantu abadala ezingayidingi, futhi ibe idle namankwebevu. Kuthiwa umufi ebefuna ukugadla kumkhulu wakhe, emphoqa ukuthi makamphendule ukuthi uzokwenziwa nini umsebenzi. Umkhulu udonse isibhamu enqulwini wadubula umufi amahlandla amathathu, washonela khona endlini. Ikhehla liqede ukudubula umzukulu walo labe selihlala endlini yalo lilinde amaphoyisa ukuthi alibophe.


UNkz Nokwanda Phoswa, oyindodakazi yomsolwa, enkosikazini yesibili njengoba kuvela ukuthi uMnu Phoswa, ubenamakhosikazi amathathu osekusele eyodwa, utshele ILANGA ukuthi umufi ubedle amankwebevu ngesikhathi ehilizisana nomkhulu wakhe. “Akuyona nento enkulu ebibangwa ekhaya, obekungaze kugcine sekuphuma isidumbu. Okubuhlungu le ngxabano yabo yenzeke phambi kwezingane. Noma sezilulekiwe ngokomqondo ngezikubonile kwenzeka, kodwa kusekhona ukuthuka okuncane. “Nami ngicishe ngafa ngoba bengikhona kwenzeka lesi gameko, ngikhuza umkhulu. Usibhekise kimina isibhamu kubonakala ukuthi ufuna ukuqeda ngawo wonke umuntu obesendlini. Kusize ukufika kwabantu abalwehlisile ulaka lwakhe,” usho kanje.


ILANGA likhulume nekhansela laku ward 4, kuMasipala waseMpendle, uMnu Wonder Dlamini, oveze ukuthi lesi sehlakalo senzeke ekhweni lakhe. Uthe kubethusile okwenzeke phakathi komukhwe wakhe nendodana kamlamu wakhe. “Siyazi ukuthi yonke imizi iba nentuthu yakhona kodwa esikucelayo entsheni wukwazisa abantu abadala. Siwubuholi siyazwelana nomndeni wakwaPhoswa, okuqondane nokuthi okwenzekile kube sewadini yami kuphinde kube sekhweni lami futhi. Akukho okuningi enginakho okwamanje njengoba sisazoya khona ukuyoveza amehlo,” lisho kanje. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sehlakalo, ethi amaphoyisa esiteshi saseMpendle abophe owesilisa oneminyaka ewu-82. Uthe umsolwa uvelile enkantolo yeMantshi yaseMpendle ngoMsombuluko wadedelwa ngebheyili.
www.ilanganews.co.za

Previous articleUSGQEMEZA UMISIWE OKHOZINI FM
Next articleI-IFP nesethembiso sokulekelela abantu abaxakwe yizikhukhula