Ikhiphe isidumbu eyokushoda kwamanzi

764

JOHN HLONGWA

INKINGA yokushoda kwamanzi ezindaweni ezakhele umasipala weTheku seyikhiphe isidumbu. Lokhu kulandela ukudutshulwa kubulawe uNkz Hloniphile Mkhabela (48), wase-Angola, eMaoti, eThekwini ngoMsombuluko ngowesilisa ongaziwa endaweni, kubangwa ukukha amanzi kujojo womphakathi ose-Brooks Farm, ePhoenix.

UNkz Nomthandazo Mkhabela oyindodakazi kamufi, utshele ILANGA ukuthi umbango wamanzi usungene kwelinye igiya njengoba sekuze kwaphuma nesidumbu. “Besingekho endaweni yesigameko, umama uhlala emzini kamfowabo ePhoenix. Sifonelwe umakhelwane wakho esibikela ukuthi umama udubulekile. Uma echaza uthi kufike imoto emhlophe inabantu besilisa abangahlali endaweni, behambe befuna amanzi. Bathe mabefika bafuna ukweqa ulayini omude obubanjwe ngamalungu omphakathi wokukhongozela amanzi. Kulapho-ke kuqale khona ingxabano. Wasuka umsolwa wayolanda isibhamu emotweni ebipake kude buduze nojojo. Ngokuzwa kwethu umama ubengeyona ingxenye yokuxabana nabasolwa, njengoba iqale esanda kubuya emsebenzini esayolanda amabhakede endlini. Ukuthi udubuleke kanjani, nathi kasikatholi kahle. Ngemva kwalesi sehlakalo abasolwa babaleke ngemoto yabo,”esho.

Ngesikhathi ILANGA lihambele kulo mndeni, lifice omakhelwene bengena bephuma, abanye bebabaza bethi: “Aze ayenza indaba amanzi. Okunye abakhale ngakho ukuthi umsolwa akuyena owakule ndawo. Ngemva kokudubula umufi uphinde wadubula wona ujojo wamanzi wasala uvuza.

ILANGA liwubonile ujojo unezimbobo zezinhlamvu. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal Constable Thenjiswa Ngcobo, uluqinisekisile lolu daba. “Amaphoyisa asePhoenix aphenya
icala lokubulawa kowesifazane odutshulwe umuntu ongaziwa ethi uyokha amanzi ngalapho ehlala ngakhona, bekungakaboshwa muntu” kuphetha Thenjiwe

Previous articleAmaqembu amakhulu akhale ngamancane kuphunyuka uKaunda
Next articleKukhuzwe izisebenzi kumasipala waseMhlathuze