Ikhulunyelwa emakhoneni eyokushiya kukaMaMzobe

1741

LUCKY CAIN 

IKHULUNYELWA emakhoneni eyokwesula kwentandokazi yomlingisi womdlalo owuchungechunge Umkhokha, uDeli Mali-nga, odlala indawo kaMaMzobe kulo mdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku kuMzansi Magic (161). 

ILANGA lihabule ukuthi lo mlingisi akaneme ngendlela aphatheke ngayo njengoba eseke wabhalela nabakhiqizi, ezwakalisa ukungaphatheki kahle kuwona. 

Leli phephandaba lihabule ukuthi kuningi lo mlingisi abengagculisekile ngakho, njengoba ekhale nangabanye ozakwabo abasebenza ngemuva, abenza angakuthokozeli ukuya emsebenzini. 

Omunye umthombo weLANGA udalule ukuthi ngeledlule uDeli ubhale incwadi yokwesula, kodwa kwagcina kungacacanga ukuthi abaphathi bayayemukela noma cha. 

“Ngesikhathi ebhala le ncwadi, ubengeneme impela, kangangokuba ngosuku agoduka ngalo, waphuma ekhala emsebenzini. Sadideka ukuthi ucasulwe yini,” kusho lo mthombo ocele ukungadalulwa. 

Uveze ukuthi empeleni ukusebenza kulo mdlalo kunzima njengoba kwesinye isikhathi izinto zibuye zingahleleki. 

“Abalingisi kabakwazi ukuhlela kahle izikhathi zabo njengoba bengazi ukuthi baqopha nini, kwesinye isikhathi batshelwa ekuseni sekumele bazosebenza. Kwesinye isikhathi bazitshele ukuthi bahlabe ikhefu, kodwa bazithole sebebizelwa emsebenzini,” kusho umthombo. 

Omunye ongaphakathi kulo mdlalo, ushilo ukuthi izinto zimapeketwane okwamanje, kakucaci ukuthi kuzokwenzekani ngabanye babalingisi, kwazise aseqalile amalungiselelo esizini yesibili yalo mdlalo. 

“Engingakusho nje, wukuthi ziningi izinguquko ezizoba khona uma sekuqala isizini yesibili, nakuba kungacaci ukuthi izoqala nini,” kusho lo mthombo.

UDeli wenqabile ukuphawula ngamahlebezi okwesula kwakhe nokungagculiseki kwakhe kulo mdlalo. Abe-Mzansi Magic bayichithile eyokwesula kwalo mlingisi. Baqinisekise ukuthi nebala isizini yokuqala yalo mdlalo isisemaphethelweni. Kabafunanga ukucacisa ukuthi izoba khona yini isizini yesibili noma cha. 

Previous articleBashaqekile bethola isidumbu ngasesikoleni
Next articleSekucacile ukuthi ngeke ufezeke umhlahlandlela ka-2030