Ikhuthaza inhlanzeko kozakwabo incwasimende eshayela itekisi

392

JOHN HLONGWA

UGQUGQUZELA inhlanzeko nokuzihlonipha kozakwabo umshayeli wetekisi osezakhele ugazi kubagibeli ngokugqoka isudi uma esemsebenzini. 

   UMnu Phiwayinkosi Mzila (34), waKwaLatha, eMsinga, ushayela itekisi esuka edolobheni emakethe iye eGateway, eMhlanga, eThekwini namabanga amade. Ube nengxogxo ekhethekile neLANGA ngeSonto. 

“Ngineminyaka ewu-7 ngishayela itekisi lakwaGcaba, njalo uma ngiya emsebenzini, ngigqoka isudi. Amasudi enginawo angaphezulu kuka-11.

“Ngivuka ekuseni ngehora lesithathu ngigeze, bese ngigqoka isudu yami ngiye emsebenzini. Ngisho ilanga lingashisa 

kanjani, kangiyikhumuli. Ugqozi lokugqoka kanje ngaluthola ngesikhathi ngifundela ukuba ngumfundisi eBible School, eMgungundlovu.

 “Kangiqedanga ngenxa yezingqinamba ngase ngithola lo msebenzi wokushayela itekisi. Indlela engigqoka ngayo, yenza abagibeli babe nethemba lohambo oluphephile. Akufanele umgibeli uma ebuka indlela umshayeli agqoke ngayo, aphelelwe yithemba,” esho. 

Uthi impilo yokuba yigcokama idla ephaketheni njengoba amasudi akhe ebiza, futhi kumele njalo ayowashwa elondolo.

    Uveze ukuthi uma esebenzela ezindaweni ezikude, uphatha amasudi amabili. 

   Uthi uyafisa ukuthi ozakwabo basike iphethini kuyena. “Umqashi wami ujabule kakhulu ngale ndlela engigqoka ngayo,” esho. 

Previous articleI-Unisa izosiphonsela inselelo enkantolo isinqumo sikangqongqoshe
Next articleBafuna kutshalwe amasosha eNanda ngenxa yobugebengu