Ikhuza ibuya eThekwini imikhumbi yezokungcebeleka

276

BHEKI NDLOVANA

IKHUZA ibuya imikhumbi kanokusho yokungcebeleka, eheha izinkumbi zezivakashi eThekwini.

NgoMgqibelo womhla ka-11 kuLwezi (November), iTransnet National Ports Authority (TPNA), eThekwini neDurban Tourism bazokwethula ngokusemthethweni ukuvulwa kwezikhathi ezintsha zokuhamba kwale mikhumbi enyakeni u-2023/24.

ENingizimu Afrika le mikhumbi ihamba ngesikhathi sasehlobo, kuvalwe ebusika. 

Imvamisa – iningi layo okungeyeMediterranean Shipping Company (MSC) yaseSwitzerland – isuka eThekwini iye ePortuguese Island nasePomene, eMozambique.

Kulo nyaka kuzovulwa ngomkhumbi iVasco Da Gama, ozotheleka uthwele izivakashi esikhumulweni esisha semikhumbi yokungcebeleka esivulwe ngo-2021 eThekwini, iNelson Mandela Cruise Terminal. 

Ngokolwazi oluhlinzekwa yi-AIS Hub, njengamanje lo mkhumbi (Vasco Da Gama) uphumule eCape Town, lapho ofike khona ngoLwesine.

Umkhumbi iMSC Splendida, yiwona ozokube wehla wenyuka, utetemukisa izivakashi e-Indian Ocean naseSouth Atlantic Ocean. 

ILANGALempelasonto lishicilele iSplendida iphumule esikhumulweni iPort of As Suways / Suez Port, e-Egypt. 

Kulindeleke ukuba isuke lapho, yehle njalo ize izofika eThekwini lapho izobe isilindwe ngabomvu ngabathandi bokugcebeleka olwandle. 

bhekin@ilanganews.co.za

Previous articleUsomnotho uxwayisa izakhamizi ngokukhithiza
Next articleIzikhalo ngendlela uhulumeni ophethe ngayo eka-R350