Ikhuza ibuya iKings of the Weekend kwiGagasi FM

300

THANDI ZONDI

EZIMNANDI kubalaleli besiteshi iGagasi FM njengoba izingwazi zalo msakazo zikhuza ibuya, uSphectacula noDJ Naves abaziwa ngeKings of the Weekend. Kuzokhumbuleka ukuthi lezi zinsizwa zalaxaza lesi siteshi zaya kwi-Metro FM ngemuva kokuba sezizakhele igama kulo msakazo, zanyusa nezibalo zabalaleli.


ILANGA lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi USphe noDJ Naves bazobuyela ohlelweni lwantambama (15h00-18h00) ababeshiye belusakaza, sebezolwethula ngokubambisana noZisto. Okwamanje lolu hlelo lusakazwa nguHeazy, uKhaya noZisto, lubizwa ngeGagasi FM Drive.
Umlando weKings of the weekend kawuthandabuzeki kulesi siteshi njengoba bahamba sebethole amadlelo aluhlaza kwiMetro FM.
Umthombo uphinde waveza ukuthi iqembu le- hip hop, iDreamteam, lizojoyina lo msakazo lingena esikhaleni sika DJ Lab obesakaza uhlelo iSiy’pholele, ngeSonto (18:00-22:00).


Kanti uCollen Zondo usezosakaza uhlelo olulodwa lwangeSonto kuphela. Izinhlelo zasebusuku zangempelasonto zizohlukaniselwa uDJ Sphe Live, uNkule, uLwandle Masoka noLuyanda.
Ezibuhlungu kubalaleli beGagasi ngezokuthi isithandwa sabalaleli uKhaya Dladla osakaza uhlelo lwantambama, uyashiya kwiGagasi kanti uHeazy yena uzoba nohlelo azolusakaza noPenny Ntuli. UFlyMotion, uDJ Lab noHamzaa nabo ngeke besaba yingxenye yeGagasi FM. Ohlelweni lwasekuseni kakuzushintsha lutho, luzoqhubeka lwethulwe nguFelix noMinnie. UNjabs Zwane uthole ikhaya elisha, usezokwethula uhlelo ngo 12:00 -1500 nokumanje wethula olwasekuseni (09:00-12:00) i-The Lift Off.

Previous articleUmmangalelwa ukhombe i-NIU ngokubalekela eSwazini kwabafowabo kwelika-AKA
Next articleWina Inyama Nemali kwi-ILANGA buka ividiyo ukuze uthole imininingwane